Ungqongqoshe womNyango wokuThuthukisa uMnotho, ezokuVakasha neMvelo uMfu uMusa Zondi, imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba nomengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa bejabulela ukuvula i-Africa’s Travel Indaba e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

Imboni yokuvakasha ibalulekile ekukhuliseni umnotho – uRamaphosa

YINTATHELI YOMBELE 

UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uthi imboni yokuvakasha ineqhaza elibalulekile ekukhuliseni umnotho, ukudala imisebenzi nokuqinisekisa ukubambisana kwamazwe ase-Afrika.

URamaphosa usho kanje embukisweni omkhulu wokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba, ophela namhlanje e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.

Lo mbukiso uvelele e-Afrika njengoba ubanezindawo zokukhangisa amabhizinisi, uhlanganise abaholi bemboni yokuvakasha nabakwamanye amazwe emhlabeni, abathengi, abezindaba nezinye izinhlaka ezibalulekile embonini yokuvakasha.

“Imboni yokuvakasha ibalulekile kakhulu emnothweni ngoba ukufika kwezivakashi kudala imisebenzi ehlukene. Zisuke zidinga indawo yokuhlala, zivakashela izindawo ezihlukene futhi ziyadla uma zilapha. Zithenga nezimpahla ezihlukene ezidayisa kuleli zwe,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: Konke kumi ngomumo nge-Africa’s Travel Indaba

Umengameli uthe ngonyaka odlule kumukelwe izivakashi eziwu-10.5 million kuleli zwe, okusho ukuthi ziyathanda ukuvakashela lapha. Uthe ikota yalezi zivakashi ivela emazweni ase-Afrika eseningizimu, okusho ukuthi avakashela amanye amazwe ase-Afrika kunokuya phesheya.

Ungqongqoshe womNyango wokuVakasha uNkk uPatricia de Lille uthe bazoqhubeka nokutshala imali kule mboni ngoba izodala amathuba emisebenzi awu-18m eminyakeni eyishumi ezayo.

Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe lo masipala uyaziqhenya ngokwenza i-Africa’s Travel Indaba ngoba loku kuzokhombisa namanye amazwe ukuthi kungani leli dolobha livelele ekwenzeni imicimbi yekhethelo e-Afrika jikelele.

Uthe lo mbukiso uzoqinisa ukusebenzisana kwedolobha namanye amadolobha akwamanye amazwe nokusebenzisana kosomabhizinisi futhi ukhulise umnotho nowezindawo zasemakhaya.

UXaba uthe bakhulisa imikhakha ehlukene yokuvakasha, njengowamabhizinisi, owezemidlalo, owokungcebeleka ngomkhumbi nowokushaywa wumoya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page