Emxhakeni

Ucwaningo luveza ukuthi nakubantu abahola kahle imali ayihlali ngenxa yezikweletu. Isithombe: Sithunyelwe

Izikweletu zixaka ngisho abahola uR50 000 ngenyanga – ucwaningo

IMPILO inzima kuwo wonke umuntu waseNingizimu. Lukhombisa loku ucwaningo olusha oluveza ukuthi abantu abahola uR50 000 ngenyanga badinga u-103% womholo wabo ukukhokhela izikweletu. Okusho ukuthi umholo wabo awanele ukuthi bakhokhe izikweletu zabo.

Ukuqala kwesonto kusho ukubuya komkhankaso wokufundisa abantu ukuphatha imali ngobuhlakani iMoney Smart Week. Isithombe: Sithunyelwe

‘Kunamandla ukukwazi ukuphatha imali ngobuhlakani’

KUSUKELA namhlanje kuze kubemhlaka-30 kuqala isonto lokufundisa abantu ngokuphatha imali ngobuhlakani iMoney Smart Week South Africa.

Amaselula anomshwalense kodwa umxazululi ukhathazekile ngokuchithwa kwezicelo zesinxephezelo uma elahleka. Isithombe: yiDepositPhotos nesithunyelwe

Umlamuli ukhathazekile ngezinkampani zomshwalense ezingakhokhi uma kulahleka amaselula

UMXAZULULI wezindaba ezithinta izikhungo zezimali ukhathazekile ngezinkampani zomshwalense ezingabanxephezeli abantu uma belahlekelwe amaselula ngenxa yemigomo nemibandela engachazwa ngendlela efanele.

UmXazululi weziNdaba zemPesheni uMnu uLebogang Mogashoa ufuna zijeze izisebenzi zezikhwama zempesheni ezingawenzi kahle umsebenzi. Isithombe: Sithunyelwe

UmXazululi weziNdaba zemPesheni usize umndeni urojwa imali yomufi

UMXAZULULI weziNdaba zemPesheni uMnu uLeboganga Magashoa uzincisha umoya izikhwama zempesheni ezingawenzisisi umsebenzi njengoba efuna abaphathi besikhwama sempesheni ebesigweve noR325 000 yomufi bachaze.

I-Financial Sector Conduct Authority ihlawulise izinkampani zaseNingizimu Afrika ngaphezu kwangoR2 billion. Isithombe: Sithunyelwe

Zihlawule izigidigidi izinkampani ezisebenza ngemali ezingawulandeli umthetho 

UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uhlawulise izinkampani eziphula umthetho wokusebenza ngemali uR2,89 billion.

Omunye wosihlalo bePresidential eThekwini Working Group uMnu uMike Mabuyakhulu evula iKwaZulu-Natal Investment Forum eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

INingizimu Afrika ayishodi ngezinto ezingatshalwa emnothweni – iKwaZulu-Natal Investment Forum

ININGIZIMU Afrika ayiswele okungatshalwa emnothweni ukuze ukhule futhi kuvuleke amathuba emisebenzi kodwa eshoda ngakho yizinhlelo esezilungele ukuthi abatshalimali bafake imali kuzona.

UmXazululi weziNdaba zemPesheni uMnu uLebogang Mogashoa uvune umasihlalisane obebangiswa wudadewabo womufi. Izithombe: Zithunyelwe nePexels

Umasihlalisane obebangiswa wumndeni uthole ifa eliwu-45%  

KUZOSA ngokunye kwizelamani ezizitshela ukuthi izingane zakubo ezifa zingashadile zizowashiyela umndeni amafa azo njengoba umasihlalisane enikwe ingxenye kaR8,3 million embangweni wempesheni yomufi.

Umphathi webhange lombuso e-Angola iBanco Nacional de Angola uMnu uManuel Tiago Dias nomphathi weBhange lomBuso futhi owusihlalo wekomiti labaphathi bamabhange eSouthern African Development Community (iSADC) uMnu uLesetja Kganyago bethakasela ukuthula ikwanza ezinhlelweni zeSADC izolo. Isithombe: Sithunyelwe

Amazwe eSADC asezohweba ngekwanza yase-Angola

EMVA kweminyaka kusebenza irandi ukukhokhela izimpahla uma kuhwebelana amazwe ase-Afrika eseningizimu sekuzosebenza nekwanza lase-Angola.

Ukunyuka kwezindleko zempilo ngenxa yezinga lemalimboleko kudala ukhwantalala lwemali kubantu baseNingizimu Afrika. Izithombe: yiPexels

Ukhwantalala lwemali ludlangile kubantu eminyakeni emihlanu – ucwaningo

BANGAPHEZU kwango-70% abantu baseNingizimu Afrika abanokhwantalala ngenxa yokukhuphuka kwezindleko zokuphila ezingahambisani nemali abayitholayo.

Umbiko omusha i-Standard Bank Youth Barometer Report ukhombisa ukuthi ama-2000 ayiphatha kanjani imali. Izithombe: Zithunyelwe

Ama-2000 awahlukile kwisizukulwane esidala kwezezimali – umbiko

KUYE kubenokungatholani phakathi kwama-Gen Z, abantu abazalwe phakathi kwango-1997 kuya ngo-2012 nabantu abadala. Bavame ukubizwa ngama-2000 futhi banolimi lwabo oluhlukile abalusebenzisayo, yindlela yokuziphatha nesiko labo.

Ziyanda izicelo zokuboleka imali ukuze kuhlanganiswe izikweletu. Isithombe: Sithunyelwe

Bayanda abaphephela ekuhlanganiseni izikweletu – umeluleki

INGCINDEZI yezindleko zokuphila iqhubeka nokuklinya abathengi baseNingizimu Afrika, njengoba amanani aphezulu kaphethroli nogesi, ukunyuka kwesikweletu sikamasipala nezindleko zomshwalense sekudla ingxenye enkulu yemiholo yemizi eminingi.

Isikhulu esiphezulu seFNB Private Banking and Wealth Management uMnu uSizwe Nxedlana nesikhulu esiphezulu seFNB &FNB Retail uNks uLytania Johnson ngesikhathi kuthulwa imiphumela yeFNB Retirement Insights Survey yango-2026 izolo benomphathi wohlelo uNks uNastassia Arendse. Isithombe: Sithunyelwe

Abantu sebevuleke amehlo ngokuhlelela umhlalaphansi – ucwaningo olusha

SIYANDA isibalo sabantu asebezihlupha ngezindaba ezithinta impesheni eNingizimu Afrika, okufaka nabahola imali encane. Nokho abaningi kusaba yinto abayicabangayo, hhayi abayisukumelayo.

Ukhomishana weSouth African Revenue Service uDkt Johnstone Makhubu uthi lesi sikhungo sihlale siphokophele ukuthi izinto zibelula kubakhokhintela. Isithombe: Sithunyelwe

Sesifikile isikhathi sokwenza izinto zentela – iSouth African Revenue Service

MINYAKA yonke ukuqala kukaJulayi kusho isikhathi sokubika ngentela kwabakhokhintela eNingizimu Afrika. I-South African Revenue Service (iSars) isimemezele ukuthi sesifikile isikhathi sokubika ngentela nokubuyelwa yimali phecelezi i-filing season.

Inhloko yomnyango olwa nokukhwabanisa iFraud Operations, Client Experience and Risk Execution eStandard Bank uMnu uMarius le Roux uthi ukukhwabanisa kuyabhebhetheka. Isithombe: Sithunyelwe

Qaphela amaqola angakwenzi umnyuzi wemali – umeluleki

NJENGOBA kudlange ukungabibikho kwemisebenzi, iNingizimu Afrika ibhekene nokubhebhetheka komkhuba wamaqola asebenzisa abantu abaswele nentsha. Loku sekwenze kwanda “kwama-akhawunti eminyuzi”, ubuqola bokuthi izigilamkhuba zishushumbise imali zizifihlile.

Ukhomishana weSouth African Revenue Service uDkt uJohnstone Makhubu uthi isikhungo sentela senza izinto zibelula komabhizinisi amancane. Isithombe: Sithunyelwe

I-Sars isiza amabhizinisi amancane ngosuku lwawo

I-SOUTH African Revenue Service (iSars) igubha usuku lwamabhizinisi amancane i-Small, Medium and Micro Enterprises (i-SMME) Day ngohlelo lokuwalekelela ezweni lonke ngenxa yokwazi iqhaza lawo ekukhuliseni umnotho nokuqoqa intela.

Abeluleki ngezimali bathi kumqoka ukuba nomshwalense wezikhathi ezinzima. Isithombe: yiPexels

Kubalulekile ukuba nomshwalense wokugada ingozi – umeluleki

ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika babhekene nesimo sokuthi uma kungabanomshophi owodwa kungabheda isimo sabo sezimali. Kungabawukudilizwa emsebenzini, ukugula noma ukukhubazeka, isimo sezimali emakhaya abantu ezweni lonke siyaqhubeka nokubabucayi ngenxa yokunyuka kwezindleko zokuphila nesimo somnotho esicikizelayo.

Izikweletu zihlasele bonke abantu baseNingizimu Afrika ngisho nabahola kakhulu, kusho ucwaningo olunzulu. Isithombe: yiStockCake

Izindleko zempilo zishaya ngisho nabahola kangcono – iDebtBusters

UCWANINGO olusha olwenziwe yinkampani esiza abantu abanezikweletu iDebtBusters luthole ukuthi ukunyula imali yomhlalaphansi ebhodweni nokwehla kwemalimboleko kubasizile abantu kodwa ukukhuphuka kwezindleko ngenxa yezinkinga ezenzeka emhlabeni kubafake ezikweletini.

I-FNB yehlisa ijoka lezindleko kubantu baseNingizimu Afrika ngokwandisa imihlomulo ebanika izinto zamahhala. Isithombe: Sithunyelwe

Zinoju kumakhasimende eFNB eyandisa imihlomulo

NJENGOBA abantu baseNingizimu Afrika bethwele ijoka lokukhuphuka kwezindleko zokukhuphuka namanani ezidingo, iFNB isize nezinhlelo ezizobasiza ukuphatha kahle imali yandisa nezinhlelo zokukhokhela izimpahla ngobuchwepheshe zamahhala. 

Iphini lomxazululi wezezimpesheni uMnu uNaheem Essop liyalele isikhwama ukuthi sikhokhe imali yomuntu ofuna ukunyula imali yakhe ebhodweni lempesheni. Isithombe: Sithunyelwe

Izikhwama zempesheni azilandele imithetho yazo – umxazululi

ISIKHWAMA sempesheni yezisebenzi zomasipala siyalelwe ukuthi sikhokhe imali yesisebenzi esifuna ukuyinyula ebhodweni lempesheni.

UmXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa uhlawulise isikhwama sempesheni esiphula umthetho. Isithombe: Sithunyelwe

Isikhwama sempesheni esesilindise owesifazane iminyakanyaka sizokhokha imali isinenzalo

SEZIQALILE ukukhokha izikhwama zempesheni ezingasheshisi ukuphendula abantu njengoba umXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa eyalele isikhwama ukuthi sikhokhe imali isihamba nenzalo.

Ukuqonda amatemu ezimali, ikakhulu awezikweletu yisinyathelo sokuqala sokungangeni obishini lwezikweletu. Izithombe: Zithunyelwe

Kubalulekile ukuqonda amatemu ezikweletu – umeluleki

ISIKWELETU siyingxenye yempilo yabantu ngoba abaningi ngeke bakwazi ukuthenga imizi, izimoto nokukhokhela imfundo yezikhungo eziphakeme ngaphandle kwaso.

U-Ephreli, inyanga yokufundisa abantu ukuphatha imali, kanti kukhunjuzwa abantu ukuthi akuzona zonke izikweletu ezimbi. Isithombe: Sithunyelwe

Kunomehluko phakathi kwesikweletu esihle nesibi – umeluleki

UKUNYUKA kwamanani kagesi, akaphethroli nama-rates kuphoqa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele indlela abasebenzisa imali ngayo.

Ukhomishana obambile weNational Consumer Commission uMnu uHardin Ratshisusu ehlawulise iCartrack ngokuphula imithetho evikela abathengi. Isithombe: Sithunyelwe

I-Cartrack ihlawuliswe uR5 million ngokuphula umthetho ovikela abathengi

INKAMPANI esebenzisa ubuchwepheshe ukuthola izimoto ezintshontshiwe iCartrack izohlawula uR5 million ngokungavikeli abathengi.

Usihlalo weNational Debt Counselling Association uNks uRene Moonsamy ukhumbuza abathengi ngemithetho ebavikelayo. Isithombe: Sithunyelwe

Abathengi baseNingizimu Afrika bavikelwa wumthetho 

ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika bazitshela ukuthi uma ufaka isicelo sesikweletu noma ususikhokhela usuke ungenamalungelo, bazitshela ukuthi izinkampani ezibolekisa ngemali yizona kuphela ezivikelwa wumthetho. 

Ukunyuka kwamanani kaphethroli kuzozwela kakhulu kubantu abasebenzisa izimoto zabo kunabagibela amatekisi. Isithombe: Sithunyelwe

Impi eseMiddle East isiqala ukuzwela emakhaya abantu abampofu 

IMPI  eseMiddle East izonyusa amandla emali bese kunyuka izindleko zokuthutha kubantu abanezimoto zabo nakwabahola kakhulu kodwa abazoshayeka kakhulu abahola kancane. 

IHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni, eliphethwe wuMnu uLebogang Mogashoa, liqinisa isandla ezikhwameni zempesheni ezingasheshi ukukhokha. Isithombe: Sithunyelwe

Zizokhokha izikhwama zempesheni eziphuzayo ukukhokha 

SEZIQALILE ukuhlawulela isikhathi ezisimosayo izinkampani zezikhwama zempesheni eziphuza ukukhokhela abantu imali emva kokuthi iHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni seliyalele ezimbili ukuba zikhokhele abantu imali yabo.

Kululekwa izithandani ukuthi zingavalwa amehlo wuthando kodwa zixoxe ngokuphatha imali. Isithombe: Sithunyelwe

Kumqoka ukuthi izithandani zihlele izimali ndawonye – umeluleki

AKUNAMBITHISISEKI ukuqala umshado ngokuxoxa ngezinhlelo zemali uma izithandani zisanda kushada kodwa njengoba siphuma enyangeni yothando izindaba zemali zibalulekile kwizithandani.

Inhloko yoMshwalense eStandard Bank uMnu uShaka Zwane uthi uma kwaphuma ilobolo umshado awuhlukanisi amafa. Isithombe: Sithunyelwe

Qonda ukuthi isinqumo somThethosisekelo sithini ngokwaba amafa omshado uma kunelobolo – abeluleki 

ISINQUMO esisanda kukhishwa yiNkantolo yomThethosisekelo esigcwalisa ukuthi eNingizimu Afrika yonke imishado yesintu ihlanganisa amafa sisho ukuthi kubalulekile ukuhlelela amafa omuntu. Isho ukuthi kubaluleke kakhulu ukuqonda imiphumela yomthetho kubantu abahlela ukushada.

Kululekwa abantu ukuthi bangasibukeli kude iSabelomali sezwe ngoba lesi simemezelo sizithinta ngqo izinto ezifana namanani okudla. Isithombe: Sithunyelwe

Ningasibukeli kude iSabelomali sezwe, siyithinta ngqo imali yenu – umeluleki 

ABANTU akufanele babuke ukuthulwa kweSabelomali ezweni lonke njengento eyisimemezelo sosuku olulodwa. Kunaloko kufanele basibheke njengento engabasiza ukwenza izinqumo ezithinta imali nsuku zonke. 

Njengoba uFebhuwari uyinyanga yezithandani kodwa futhi uyinyanga yokwazi ngezikweletu iNational Debt Awareness Month, edinga ukugadwa abantu abathandanayo ukuze bangaxabani, Izithombe: Zithunyelwe

Ungadidwa wuthando lomuntu ungaboni izikweletu

UBUNZIMA besimo sezimali, obuvame ukudalwa yizinhloso ezinhle kodwa ezingaqondakali egameni lothando, bungaphazamisa isimbo sabantu abathandanayo bobabili.

Inhloko yeStandard Bank Personal and Private Banking South Africa uMnu Kabelo Makeke uthi amakhasimende aleli bhange asenza izinto isimanje. Izithombe: Zithunyelwe

I-Standard Bank iphuthumisa izinhlelo zokuqeda amagatsha angayiphathi imali

I-STANDARD Bank Personal and Private Banking iphuthumisa uxhaxha lwayo lwamagatsha ukuhambisana noshintsho endleleni amakhasimende asenza izinto ngayo nokuncipha kwezindawo ezisebenzisa imali ewukheshi njengoba kwanda amagatsha angeke esaphatha imali kulo nyaka.

Ukhomishana weFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana esixwayise ngabantu abazenza izisebenzi zayo ukuqola umphakathi. Isithombe: Sithunyelwe

I-FSCA ixwayisa ngamaqola azenza yona

I-FINANCIAL Sector Conduct Authority (iFSCA) ixwayisa umphakathi ukuthi uqaphele abantu abazenza lo mlawuli wemboni yezimali nesisebenzi sayo. 

Inhloko ye-Credit Card Product eFNB uMnu uThabiso Tshabalala ithi akunzima kakhulu ukuzakhela igama elihle lesikweletu. Isithombe: Sithunyelwe.

Zikhona izindlela zokushintsha igama elibi lokukweleta – FNB 

ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika bakuthola kunzima ukuthola izikweletu noma ukuboleka imali ngoba abakaze babenezikweletu, abanye abazitholi ngenxa yamaphutha abawenza asengcolise igama labo lokukweleta. 

Amaqola amandla ngoJanuwari ukuwaka abantu ngokuthumela ama-email nama-sms. Isithombe: Sithunyelwe

Ubunzima bangoJanuwari buvulela amaqola ithuba lokugila abantu – umeluleki

NJENGOBA sekudlule ubumnandi bangoDisemba nabantu sebefuna ukuqala impilo kabusha, amaqola acuphe zinkalo zonke ukuthatha loko okuncane abanako.

UMnuz uMpumelelo Zikalala ukhanyisa ngenkampani eyenza inzuzo (iPty) Ltd

Ucwaningo lwenkampani eluleka abantu ngezikweletu lukhombisa ukuthi abantu abasebenzayo basebenzisa ingxenye enkulu yemiholo yabo ukukhokhela izikweletu. Izithombe: Zithunyelwe

Abahola kancane basebenzisa u-92% ukukhokhela izikweletu – ucwaningo

PHEZU kokwehla komthwalo emahlombe abantu baseNingizimu Afrika njengoba iBhange lomBuso lehlise imalimboleko kodwa iningi lisacwile ezikweletini.

Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi ucacisa ngomphumela wesikali samandla emali esisha

Njengoba leli kuyisonto i-International Fraud Awareness Week, kululekwa amakhasimende agade ukuqolwa ngezikhathi zesiphithiphithi njenge-Black Friday ziyingozi kumakhasimende. Izithombe: Zithunyelwe Njengoba leli kuyisonto i-International Fraud Awareness Week, kululekwa amakhasimende agade ukuqolwa ngezikhathi zesiphithiphithi njenge-Black Friday ziyingozi kumakhasimende. Izithombe: Zithunyelwe

Isonto lokuqaphela amaqola likhumbuza abantu ngamasu okuvika

LELI sonto lisetshenziselwa ukuxwayisa abantu ngokukhwabanisa nezinye izinhlobo zokuqolwa kwabantu emhlabeni jikelele. 

UMnu uMpumelelo Zikalala uchaza ngokusebenza kwenkampani engenzi inzuzo iNPC

Umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke ukhiphe umyalelo oyalela imenenja kamasipala ikhokhe uR4.6 million. Esebenzisa amandla anikwe ihhovisi lakhe. Isithombe: Sithunyelwe

Umcwaningimabhuku uhlawulise imenenja kaMasipala uR4.6 million

KUPHELILE ukushaya indiva izinqumo zomcwaningimabhuku-jikelele njengoba eseqalile ukujezisa abantu abangawulandeli umthetho wokuphatha imali.

Inhloko ye-Merchant Solutions eStandard Bank uMnu uNorman Nyawo nesikhulu esiphezulu seFexco Financial Services uMnu uSean Crowe ngesikhathi kuthulwa izinhlelo ezizokwenza kubelula ukukhokha ngemali yakwamanye amazwe emabhizinisinisi asebenzisana naleli bhange. Isithombe: Sithunyelwe

Izivakashi sezizokhokha ngemali yasemazweni azo ngesisombululo seStandard Bank

ASISEKHO isidingo sokuthi izivakashi eziza eNingizimu Afrika zishintshe imali njengoba amabhizinisi awu-16 000 asebenzisana neStandard Bank esezokwazi ukumukela imali yamazwe ahlukene. 

Usihlalo kasoseshini wabaluleka ngezikweletu iNational Debt Counselling Association uNkk uRené Moonsamy ofuna uhulumeni uqinise umthetho ukuvimba abangena kule mboni bengagunyaziwe. Isithombe: Sithunyelwe

Akuqine isandla ukuvala abangagunyaziwe ukululeka ngemali – abeluleki

USOSESHINI wabaluleka ngezikweletu eNingizimu Afrika iNatioal Debt Counselling Association (iNDCA) ufuna kuchitshiyelwe umthetho wezikweletu i-National Credit Act, ukuze kungabikhona abeluleki abangagunyaziwe kule mboni.

Inhloko ye-Personal and Private Banking eStandard Bank uMnu uKabelo Makeke ithi abantu basemakhaya sebezokwazi ukukhipha imali lapho behlala njengoba leli bhange lizokwenza imali ye-instant money itholakale eduze. Isithombe: Sithunyelwe

Abantu sebezoyikhipha eduze imali yaseStandard Bank 

UKUQINISEKISA ukuthi abantu basemakhaya abangeni ezindlekweni uma bethunyelelwe imali, iStandard Bank isiyenze ukuthi imali ethunyelwa ngohlelo lwayo lwe-instant money ikhipheke nakumaspaza. 

Nakuba i-Black Friday kuyisikhathi sokutitiliza izimpahla kodwa yisikhathi sokuxhopheka kwabathengi. Izithombe: Zithunyelwe

Abathengi abavule amehlo ngezindali zange-Black Friday – abeluleki 

KUXWAYISWA abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele “izindali” ze-Black Friday njengoba kuza lolu suku oluthathwa njengokuthi lusuke lunemititilizo eminingi. 

Inhloko yezeNtsha eStandard Bank uNks Tshiamo Molanda ithi manje abantu abaqala ukusebenza sebebeka phambili amandla ephakethe labo kunokuhlonishwa uma bethenga. Isithombe: Sithunyelwe

Kungani abantu abaqala ukusebenza bephuza ukuthenga izindlu

UKUSUKA emholweni wokuqala ufinyelele ekukwazini ukuthenga umuzi wokuqala kuwuphawu lokukhula. Nokho kubantu abaningi abasanda kuqala ukusebenza loku sekuthatha isikhathi eside kunakuqala.

I-managing executive yeSanlam uMnu uNzwananai Shoniwa ithi abantu abanyula imali yempesheni kufanele baqaphele ngoba ngokuqhubeka kwesikhathi bazoshoda ngemali yomhlalaphansi. Isithombe: Sithunyelwe

Sekunyulwe imali yempesheni elinganiselwa kuR60 billion: iSars

SEKUPHELE unyaka uhulumeni waseNingizimu Afrika wavumela abantu ukuthi banyule imali ezikhwameni zabo zempesheni ukuze benze izinto ezibaxinile. 

Abantu abawu-250 000 abalulekwa ngezikweletu babuyisela izigidigidi emnothweni. Izithombe: Zithunyelwe

Imali ewuR15 billion yabantu baseNingizimu Afrika ikhokhela izikweletu njalo ngonyaka

BAWU-250 000 abantu baseNingizimu Afrika abalulekwa ngezikweletu kanti njalo ngonyaka bakhokha uR15 billion ngazo.

Sekuzoba lula ukuthumela imali emakhaya noma ngabe abantu basebenza kuliphi izwe njengoba iMukuru isisebenzisana neMoneyGram. Izithombe: Zithunyelwe

IMukuru isizosebenzisana neMoneyGram

INKAMPANI enkulu yobuchwepheshe bemali iMuruku imemezele ukuthi isizosebenzisana neMoneyGram, inkampani yobuchwepheshe bemali emhlabeni. 

UMnu uMpumelelo Zikalala uthi ziyagagamela izinhlangano eziphikisa umthetho okhuthaza ukuqasha abantu abamnyama nabesifazane 

Izibalo zokusebenzisa ubuchwepheshe basebhenki bokubheka irekhodi lesikweletu zikhombisa ukuthi abantu besifazane banegama elihle kunabesilisa ngokonga. Izithombe: Zithunyelwe

Abantu besifazane bayabadlula abesilisa ngegama lokuboleka – izibalo

ABANTU besifazane bathuthuka kakhulu uma kukhulunywa ngokubanezimpahla. Izibalo ezisanda kushicilelwa zaseStandard Bank zikhombisa ukuthi bathenga kakhulu imizi nezimoto.

Podcasts

Inqolobane