Ningasibukeli kude iSabelomali sezwe, siyithinta ngqo imali yenu – umeluleki
YINTATHELI YOMBELE
ABANTU akufanele babuke ukuthulwa kweSabelomali ezweni lonke njengento eyisimemezelo sosuku olulodwa. Kunaloko kufanele basibheke njengento engabasiza ukwenza izinqumo ezithinta imali nsuku zonke.
Isho kanje inhloko ye-FNB Integrated Advice Product uNks u-Ester Ochse kuleli sonto njengoba ethe ushintsho oluncane emgomweni lungathinta isabelomali sabantu sanyanga zonke.
UNks u-Ochse ukhuluma kanjena nje, ngesonto elizayo ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzothula iSabelomali sango-2026/27 ePhalamende.
Uthe simqoka lesi simemezelo, kwazise abantu basebenzisa imali ewu-60% ezidingweni ezifana nendawo yokuhlala, ukugibela nokudla nokuthi ngisho ngabe kuthiwa wushintsho oluncane kanjani emgomweni, lungasithinta isabelomali somuntu sanyanga zonke. Yingakho ethi iSabelomali akufanele sibhekwe njengesimemezelo nje sosuku olulodwa kodwa singasetshenziswa ukwenza izinqumo ezithinta imali nsuku zonke.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/11/uzoqhubeka-nokubopha-izifociya-uhulumeni-kwethulwa-isabelomali-ingqapheli/
“Uma imali yakho eningi ibheka izidingo zakho, awukwazi ukuba nezinto eziningi eziqhamuka esikhaleni. Ukuthulwa kweSabelomali kubalulekile ngoba kukunika isithombe ngokungase kwenzeke emalini nalapho kungadingeka khona wenze ushintsho. Kungabe usemncane usapatanisa ngomholo wakho wokuqala noma niwumndeni osunezindleko ezifana nemali yesikole nokulungiselela umhlalaphansi, ukugada okwenzeka kwiSabelomali kungakusiza ukulawula izinto,” kusho Nks u-Ochse.
Nazi izinto okufanele uziqaphele kwiSabelomali:
- Intela ebanjwa emholweni: ushintsho lapha luwuthinta ngqo umholo wakho. Kubantu abasanda kuqala ukusebenza, loku kuthinta imali oyongayo nyanga zonke kanti kwabakade baqala ukusebenza, kuthinta imali oyitshalile nendlela obheka ngayo izikweletu zakho.
- Intela kaphethroli, izindleko zikagesi nezokuthutha: Ushintsho emananini kaphethroli luyashesha ukuzwela ngisho ngabe kuthiwa uhamba ngani ukuya emsebenzini kanjalo nokunyuka kwamanani kagesi kungazwela.
- Amanani okudla nenye intela enganakekile: Ngisho kungathiwa intela ebanjwa ezimpahleni, phecelezi i-value added tax, ayishintshi, enye intela enganakekile nengcindezi yamandla emali kungawanyusa amanani ezinto ezifana nokudla. Intela kashukela, eyoplastiki neziphuzo ezinotshwala yizinto zonke lezi ezithinta imali kodwa zinganakekile.
- Izinkomba ngemalimboleko: Ukwehla nokunyuka kwemalimboleko yisinqumo esingenziwa kwiSabelomali kodwa lesi simemezelo siyabanezinkomba ngezinto ezenzeka emnothweni ezithinta izindleko zokuboleka imali nokumqoka kubantu abanemizi, izimoto abasakukhokhela nama-credit card.
- Izindleko zezenhlalakahle ezibekwa eqhulwini: Imali eyabelwa isibonelelo, ezemfundo nezempilo ibanomphumela ezindlekweni zezempilo futhi ingayithinta imali yamakhaya. Isibonelo saloku wukuthi uma isibonelelo sezingane sikhushulwa ngoR50 kusho ukuthi sekuzongena imali ethe xaxa ngoR600 ngonyaka okwanele ukubheka ezinye izidingo zesikole noma izidingo zokudla. Imali encane iyawenza umehluko.

- Izindleko zemfundo: Kungabe yimali yesikole noma eyenyuvesi, izinqumo zeSabelomali zinesandla endleleni imindeni ehlelela imfundo yezingane zayo ngayo.
- Ezempilo nemali ebuyayo ngenxa yokuba ne-medical aid: Ushintsho lapha lubanesandla ekutheni abantu bayaqhubeka yini bakwazi ukubheka izindleko zempilo.
- Intela ebanjwa eziphuzweni ezinotshwala nogwayi: Ukunyuka kwale ntela kunesandla endleleni abantu abaphila nabazijabulisa ngayo.
- Ingqalasizinda nemisebenzi: Imali eyabelwa ingqalasizinda ingabayinkomba ngokuzokwenzeka ngokudalwa kwemisebenzi nokukhula komnotho, ikakhulu entsheni esabheke imisebenzi.
- Isikweletu sikahulumeni nethemba emnothweni: Noma kuyinto enganakeki kangako kodwa ibalulekile. Indlela okubolekwa ngayo inesandla kokulindeleke ngamandla emali nemalimboleko – izinto ezithinta amakhaya ngqo.
UNks u-Ochse uthi lesi yisikhathi sokuthi abantu babuyekeze isabelomali sabo nendlela abonga ngayo imali kuye nokuthi izinqumo eziqhamuka kwiSabelomali ziyithinta kanjani imali eyabo. Uthe ushintsho oluncane kusekuhle lungenza umehluko omkhulu.

