Ungadidwa wuthando lomuntu ungaboni izikweletu
YINTATHELI YOMBELE
UBUNZIMA besimo sezimali, obuvame ukudalwa yizinhloso ezinhle kodwa ezingaqondakali egameni lothando, bungaphazamisa isimbo sabantu abathandanayo bobabili.
Ngalo Febhuwari iNational Debt Counselling Association (iNDCA) inxusa amakhasimende ukuthi angagcini ngezenzo zothando kodwa futhi abheke umphumela wesikhathi eside ezinqumweni ezithinta imali nokuthi izinqumo ezingalungile zingaholela kanjani abantu abathandanayo otakwini olukhulu lwezikweletu.
Usihlalo weNDCA uNks uRené Moonsamy uthi: “Abantu abavamile ukubona ukuthi izikweletu ezifihliwe, isikweletu esathathelwa omunye umuntu noma isikweletu esathathwa ngesikhathi usandathana nomunye umuntu kungaziqhatha kanjani ngisho izithandani ezithandana kakhulu.”
UNks uMoonsamy uthi into yokuqala odinga ukuyiqonda ijoka lesikweletu likumuntu okuvela igama lakhe kwisivumelwano sesikweletu. Loku kusho ukuthi uma uthathela omunye umuntu isikweletu ngegama lakho, wuwena onomsebenzi ngisho kungathiwa wavuma omunye umuntu ukusikhokha.
“Isikweletu silandela isivumelwano, hhayi uthando kanti izivumelwano ezenziwa ngenhliziyo azikho ngokomthetho. Uma uthathela umuntu omthandayo isikweletu bese engakhokhi kuzongcolisa igama lakho. Kunganciphisa amathuba okuthi uthole esinye isikweletu noma uzithole ukhokha inzalo ephezulu ngoba kubonakala ukuthi uyingozi enkulu.”

Usihlalo weNational Debt Counselling Association uNks uMoonsamy uthi kungcola igama lakho ngesikweletu owasithathela omunye umuntu
Okwesibili okudinga ukubhekwa wukuthi isikweletu esidala nobudlelwano obusha yizinto ezimbili eziqhatha abantu. Loku kwenzeka uma isikweletu esathathwa kudala silandela umuntu osethandana nomunye umuntu. Singona izinto phakathi kwabantu abathandanayo, ikakhulu uma umuntu okweletayo ezama ukusifihla bese umuntu athandana naye ethola.
UNks uMoonsamy uthi isikweletu asiyingothando kodwa siya ngesivumelwano esisemthethweni
Isibonelo saloku yilapho isikweletu satholakala ngegama labantu ababili abaholayo. Uma ubudlelwano buphela bese oyedwa eyeka ukukhokha isikweletu kusho ukuthi omunye usala nejoka lesikweletu, angene nomthwalo wesikweletu kubudlelwano obusha.
Enye into abantu abangayazi wukuthi isehlukaniso somshado siqeda isikweletu. Nakuba imiyalelo yesahlukaniso kungenzeka ukuthi isho ukuthi ubani uzokwenzani kodwa ayibabophezeli abantu. Uma abantu behlangane ngesikweletu kusho ukuthi bobabili kufanele basikhokhe ngisho sebuphelile ubudlelwano babo.
Kubalulekile ukuqonda izinhlobo zomshado ezikhona ngokomthetho waseNingizimu Afrika, njengoba kuyiwona onquma izimpahla nezikweletu kuphathwa kanjani uma abantu behlukanisa umshado. Uma ningasisayinanga isivumelwano esandulela umshado phambi kommeli kusho ukuthi nishade umshado ohlanganise amafa. Loku kusho ukuthi uhlangene nomuntu othandana naye ngezimpahla nezikweletu. Uma kunzima koyedwa ukukhokha isikweletu kusho ukuthi niyathinteka nobabili.
Isivumelwano esenziwa ngaphambi kwesomshado sisho ukuthi anishadile umshado ohlukanisa amafa, okusho ukuthi izimpahla zenu nezikweletu kuhlukene. Zimbili izinhlobo lapha, okuwukubanezimpahla ezintsha noma zingabibikho.
Iziluleko eziyisithupha zeNDCA:
1) Ukuxoxa iqiniso ekuqaleni kugwema ukona uthando;
2) Qonda izidingo zomunye ukugwema ukungqubuzana.
3) Akubenezinjongo ezifanayo ngemali ukuqinisa uthando lwenu;
4) Vumelanani ngesikali semali eningayisebenzisa;
5) Thola usizo uma uzwa ukuthi uyalidinga;
6) Uma uhlela ukushada, qonda ukuthi kusho ukuthini ukuhlanganisa noma ukuhlukanisa amafa omshado nomehluko wesivumelwano samafa esenziswa ngaphambi komshado.

