Inhloko yoMshwalense eStandard Bank uMnu uShaka Zwane uthi uma kwaphuma ilobolo umshado awuhlukanisi amafa. Isithombe: Sithunyelwe

Qonda ukuthi isinqumo somThethosisekelo sithini ngokwaba amafa omshado uma kunelobolo – abeluleki 

ISINQUMO esisanda kukhishwa yiNkantolo yomThethosisekelo esigcwalisa ukuthi eNingizimu Afrika yonke imishado yesintu ihlanganisa amafa sisho ukuthi kubalulekile ukuhlelela amafa omuntu. Isho ukuthi kubaluleke kakhulu ukuqonda imiphumela yomthetho kubantu abahlela ukushada.

Ongoti bomthetho nabezimali bezinkampani ezihlinzeka ngosizo lwezimali bathi isiko elinjengelobolo nemigubhu elilandelayo kunesigqi. Izithandani eziningi zikholwa ukuthi igxathu lokuqala lokwazana kwemindeni liyisiqalo sobudlelwano bokwakha umuzi. Nokho iqiniso wukuthi loku kuhlangana kusho uma sekukhokhwe ilobolo, kwanemicimbi kusho lokhulu ngokomthetho ngesimo sezimali.

Umthetho waseNingizimu Afrika uthatha ukukhipha ilobolo njengengxenye yomshado noma ngabe kulandela umshado “omhlophe” noma owesintu. Uma kwakhokhwa ilobolo, kwanomcimbi, ngisho omncane kangakanani, sekuwumshado osemthethweni nohlanganise amafa.

Ungoti omkhulu womthetho eLiberty uNks uFaeeza Khan uthi: “Lesi sinqumo siqhubeka sithi noma yisiphi isivumelwano esihlukanisa amafa, phecelezi i-antenuptial contract, esisayinwa ngemva kwalokho asisho lutho. Lokhu kwenza kubemqoka ukubhalisa uhlobo lomshado ngokwamafa ngaphambi kokuhlangana kwemindeni.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/09/ucwaningo-lukhombisa-ukuthi-abantu-abamnyama-abasakukhuthalele-ukushada-kuloba-ujabulani-sikhakhane/ 

Inhloko yoMshwalense eStandard Bank uMnu uShaka Zwane ucacisa ukuthi kungani uhlobo lwesivumelwano somshado osikhethayo sibalulekile nokuthi sivele sibeyini uma ningenaso isivumelwano somshado esihlukanisa amafa sikhomba ukuthi amafa ahlukaniswa kanjani ngelinye ilanga noma ngabe abantu bayaqhubeka nokushada noma ukuhlukanisa.

“Uma kwaphuma ilobolo ngokomshado wesintu ongahlukanisi amafa, umuntu oshade naye unesabelo emafeni akho uma nihlukana,” kusho yena.

Uma singekho isivumelwano esihlukanisa amafa esenziwa kuqala ukuhlukana kubanzima. Abantu bajwayele ukuhlukana phakathi kwelobolo nosuku lomshado. “Uma nihlukana, ingabe uvele uhambe noma umuntu obuthandana naye uzolwela amalungelo akhe okubawumuntu obesemshadweni ohlanganise amafa?”

UZwane uthi yingakho iseluleko songoti simqoka. Ukuhlelela ukuhlukanisa amafa kufanele kuhambisane nohlobo lesivumelwano somshado.

UNks uKhan wengeza ngokuthi abantu abathandanayo kufanele bathole izeluleko ngokuphatha imiholo emibili nokubavikela bobabili, ngisho kungathiwa ikusasa.

Kubalulekile ukuthi lesi sinqumo sinika abantu abathandanayo umsebenzi wokuthi benze ucwaningo. Abangathembeli ekucabangeni kwabo kodwa abacwaninge; babheke umlando wemishado yabo yokuqala, babheke isimo sayo, baxilonge izivumelwano zomshado bese bethola izeluleko zongoti ukuqinisekisa ukuthi isimo sabo sezimali simi kwisisekelo esingashukumi,” kucebisa yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page