Zizokhokha izikhwama zempesheni eziphuzayo ukukhokha
WUBONISWA MOHALE
SEZIQALILE ukuhlawulela isikhathi ezisimosayo izinkampani zezikhwama zempesheni eziphuza ukukhokhela abantu imali emva kokuthi iHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni seliyalele ezimbili ukuba zikhokhele abantu imali yabo.
Leli hhovisi lisanda kuyalela i-Alexander Forbes ukuthi ikhokhele indoda izindleko engene kuzona ngenxa yokulinda imali yayo izinyanga ebeyicele esikhwameni sempesheni.
Le ndoda ibisidinga imoto enkulu emva kokuthola ukuthi bazobanamawele nomkakhe, yafaka isicelo sokukhipha ingxenye yempesheni yayo ewuR554 350 e-Alexander Forbes, yacela nokuthi enye ilondolozwe esikhwameni esihlukile ngomhlaka-2 wangoSepthemba wango-2024 kodwa imali ize yayithola ngomhlaka-14 wangoNovemba, kwathi eya kwesinye isikhwama yaya ngo-2025.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/25/kuphele-amahlathi-okucasha-esikhwameni-sempesheni-ebesigweva-nemali-yesisebenzi-esashona/
Ngenxa yaloku kubambezeleka kwemali le ndoda ize yaphoqeka ukuthenga imoto ngesikweletu nokusebenzisa uR10 000 we-credit card ukukhokha izindleko zikadokotela. Ikhale nangokuthi imali eyeyibekele izindleko zenkulisa yezingane yayisebenzisela ukukhokhela imoto nyanga zonke.
Ithe uR936 882.13 eyayicele ukuthi ifakwe kwi-retirement annuity ize yayiswa esikhwameni esifanele ngoMashi wango-2025. Kuthiwa ukuthenga imoto ngesikweletu kuzodla uR300 000 owengeziwe emalini obekufanele iyikhokhe.
IHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni liyalele ukuthi i-Alexander Forbes ikhokhele le ndoda u-50% wenzalo ezoyikhokha ngokuthenga imoto ngesikweletu, uR4 841,60 wenzalo yezindleko zikadokotela noR5 266,60 ewukhokhele i-credit card.
Lithe kufanele lesi sikhwama sikhokhe nenzalo obekufanele ingene kwi-retirement annuity njengoba ingayanga esikhwameni esifanele ngesikhathi.
Leli hhovisi lithe lisiqaphe ngeso lokhozi isimo ezikhwameni zempesheni futhi lizoqinisa isandla ukuze zenze okufanele.

