‘I-Afrika kufanele izibambele mathupha kwezokuvakasha’
WUSIMANGALISO NTSHANGASE, UNOMONDE ZONDI NOTHOBILE ZWANE
KUSEZANDLENI zabo abantu base-Afrika ukutshengisa umhlaba ukuthi baphetheni futhi yini abadle ngayo ngoba uma bengakwenzi loko, akekho ozobenzela, kunaloko umhlaba uzoqhubeka ubathathe kancane futhi ubachaza njengabantu “bezwekazi elisebumnyameni”.
Lisho kanje iPhini likaNgqongqoshe wezokuVakasha uMnu Fish Mahlalela ngesikhathi ethula inkulumo kwiBusiness Opportunity Networking Day (iBONDay) izolo. Lona wumcimbi owendlalela ukuqala ngokusemthethweni kombukiso wezokuvakasha, i-Africa’s Travel Indaba eqale namhlanje eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.
“Kusezandleni zethu ukuvula amehlo omhlaba ngokuthi siza nani siyizwekazi futhi kufanele siyisukumele thina indaba yokuthi sibukwa kanjani ngoba uma senze njalo, sizozilawulela ikusasa lethu,” kusho yena.
I-Africa’s Travel Indaba iqhakambisa imisebenzi, imikhiqizo nezindawo ezihlukene zokuvakasha futhi iheha abakhangisa ngemisebenzi yabo abaqhamuka kwamanye amazwe e-Afrika naphesheya.
UMahlalela uthe: “Alikho ithuba lokwenza loku elidlula i-Africa’s Travel Indaba ebangoMeyi, okuyisikhathi esimqoka futhi ngoba yinyanga esigubha ngayo ukuba ngama-Afrika. Namhlanje asihlangene nje kuphela njengabantu abamele amabhizinisi kodwa futhi njengabantu abaletha ushintsho nabakha ikusasa ngokubambisana nokuphumelela ndawonye.”
UMahlalela wengeze ngokuthi ukuletha uguquko kumqoka ikakhulukazi emnothweni waseNingizimu Afrika ngoba kuzokwenza ezokuvakasha zivelele. “Uguquko luyadingeka eNingizimu Afrika ngoba akulinganwa futhi kunobubha,” kusho yena.
UMahlalela uthe yize kunezinselelo kodwa ikhona inqubekelaphambili emabhizinisini amancane athuthukayo futhi izivakashi ziyagqugquzelwa ukuthi zivakashele namalokishi.
Inkulumo kaMahlalela ilandelwe yizingxoxo ebezibheka izihloko ezihlukene ezithinta ukubaluleka kwabo bonke abantu embonini yezokuvakasha, iqhaza elibanjwa yimboni yamabhanoyi kanjalo nobuchwepheshe besimanjemanje.
Isikhulu esiphezulu seSouth African Tourism uNks uNombulelo Guliwe sithe ezokuvakasha zinesandla esikhulu ekusunguleni imisebenzi kanti kubalulekile ukuthi wonke umuntu embonini aqonde iqhaza okufanele alibambe.
“Izigcawu ezifana ne-Africa’s Travel Indaba neminye imibukiso eyenziwa yiSouth African Tourism nalezo esiba yingxenye yazo zibalulekile ukuze abantu abasembonini bakwazi ukuthola ulwazi,” kusho uNks uGuliwe.
UNksz uZinhle Mqadi, isikhulu esiphezulu seMax’s Lifestyle yaseMlaza, eThekwini, ubengesinye sezikhulumi. Uthe basebenzisana nabanye abantu kuleli lokishi nasedolobheni ukuze abantu bazi ukuthi kuningi okunye okukhona emalokishini ngale koshisanyama.
UNksz uMqadi uthe amalokishi awagabile ngoshisanyama kuphela
Esinye isihloko esidingidiwe ngesithinta intsha nezokuvakasha njengoba bekukhona abantu abasha abaziphilisa ngezokuvakasha abebecobelela izithameli ngokuthi bawakhulise kanjani amabhizinisi abo.
UNksz uKatchie Nzama usevakashele amazwe awu-35 e-Afrika. Waqala ngohambo lwaseCape Town, lwaphelela eGibhithe olwaziwa nge-Cape to Cairo kanti sekuphele iminyaka ewu-10 evakashela amazwe ahlukene.
“Mkhulu umphakathi wabantu abakhonze ukuvakasha ngendlela engambi eqolo kanti abantu bahlale bekujabulela ukuhlangana nomuntu waseNingizimu Afrika. Uma ngifika ezweni elithile ngiqala emahhovisi enxusa laseNingizimu Afrika kulelo zwe ngithole imininingwane yomuntu engingaxhumana naye uma kunesimo esiphuthumayo futhi ngibazise ukuthi ngihamba ngedwa. Ngibhala izindaba ngezokuvasha,” kusho yena.
Imboni yamabhanoyi ibalulekile ekusizeni izivakashi zikwazi ukufinyelela ezindaweni ezisuke zivakashela kuzo kanti le mboni ingenye yalezo ezaphazamiseka ngesikhathi kunobhubhane i-COVID-19.
Nokho isikhulu esiphezulu se-Airports Company South Afrika uNkk uMpumi Mpofu uthe izinto ziyaphucuka njengoba ethe bawu-54 million abagibeli abasebenzisa izikhumulo zezindiza zabo emhlabeni.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/06/19/besulwe-izinyembezi-babongwa-ngemiklomelo-abemboni-yezokuvakasha-uslindile-khanyile-uyabika/