Abantu bathenga kakhulu izimpahla zokugqoka, izicathulo nemikhiqizo yesikhumba, ngokusho kocwaningo olusha. Isithombe: Sithunyelwe

Zithengwa ubuthaphuthaphu izimpahla zokugqoka – ucwaningo

YINTATHELI YOMBELE

KUNYUKILE ukuthengwa kwezimpahla zokugqoka nezinye izinto, njengoba ucwaningo olusha lweStatistics South Africa luveza ukuthi ukuthenga izimpahla kunyuke ngo-5.1% ngo-Ephreli. 

Izimboni okunyuke kuzona ukuthenga izimpahla ezidayisa zonke izinto, phecelezi ama-general dealer, ngo-5,3%, kube yimboni yendwangu, izitolo zezimpahla zokugqoka, izicathulo nemikhiqizo eyenziwe ngesikhumba ngo-12.5%. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/amanqampunqampu-osuku/

Ukuthenga izimpahla zalo lonke uhlobo okuqhathaniswa ngezinkathi zonyaka kunyuke ngo-0,9% ngo-Ephreli. Loku kusho ukuthi ukuthenga izimpahla kunyukile njengoba ngoMashi bekumi ku-minus 3% , ngoFebhuwari bekukuwu-minus 1.1%. 

 
Ukuthenga izimpahla ezinyangeni ezintathu eziphele ngo-Ephreli walo nyaka kunyuke ngo-3.4% uma eqhathaniswa nawezinyanga ezithathu ezaphela ngo-Ephreli wangonyaka odlule. 
Imikhakha eyehle kancane ngokuthenga izimpahla yehle ngo-0.5% ezinyangeni ezithathu eziphele ngo-Ephreli. Ukuthenga ukudla, iziphuzo nogwayi ezitolo ezikhethekile kwehle ngo-minus 3.3%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page