Zithengwa ubuthaphuthaphu izimpahla zokugqoka – ucwaningo
YINTATHELI YOMBELE
KUNYUKILE ukuthengwa kwezimpahla zokugqoka nezinye izinto, njengoba ucwaningo olusha lweStatistics South Africa luveza ukuthi ukuthenga izimpahla kunyuke ngo-5.1% ngo-Ephreli.
Izimboni okunyuke kuzona ukuthenga izimpahla ezidayisa zonke izinto, phecelezi ama-general dealer, ngo-5,3%, kube yimboni yendwangu, izitolo zezimpahla zokugqoka, izicathulo nemikhiqizo eyenziwe ngesikhumba ngo-12.5%.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/amanqampunqampu-osuku/
Ukuthenga izimpahla zalo lonke uhlobo okuqhathaniswa ngezinkathi zonyaka kunyuke ngo-0,9% ngo-Ephreli. Loku kusho ukuthi ukuthenga izimpahla kunyukile njengoba ngoMashi bekumi ku-minus 3% , ngoFebhuwari bekukuwu-minus 1.1%.
Ukuthenga izimpahla ezinyangeni ezintathu eziphele ngo-Ephreli walo nyaka kunyuke ngo-3.4% uma eqhathaniswa nawezinyanga ezithathu ezaphela ngo-Ephreli wangonyaka odlule.
Imikhakha eyehle kancane ngokuthenga izimpahla yehle ngo-0.5% ezinyangeni ezithathu eziphele ngo-Ephreli. Ukuthenga ukudla, iziphuzo nogwayi ezitolo ezikhethekile kwehle ngo-minus 3.3%.