UMasipala waseThekwini uxwayisa ngabahlolimbumbulu
YINTATHELI YOMBELE
UMASIPALA waseThekwini usukhiphe isixwayiso esiphuthumayo osibhekise kubanikazi bamabhizinisi ngemva kwemibiko yokukhwabanisa yabantu abazenza abahloli bamalayisensi okuhweba.
Lama qola asongela amabhizinisi ngezinhlawulo zokusebenza ngaphandle kwemvume futhi athembisa “ukusiza” ngezicelo zemvume yebhizinisi uma ekhokhelwa imali ethile.
Imenenja ye-Business Licensing kuMasipala waseThekwini uMnu uQondi Liqwa ithe bathole izikhalo zabanye osomabhizinisi asebegilwe yila maqola, elinye icala elibikiwe elibandakanya ukukhokhiswa kukasomabhizinisi uR14 000.
ULiqwa ugcizelele ukuthi abahloli bakamasipala abahlola amabhizinisi abasebenzi ngocingo kodwa bafika mathupha emabhizinisini, bakhiphe amakhadi anayo yonke imininingwane yabo.
“Akekho umhloli kamasipala osemthethweni ozocela inkokhelo ngocingo.
“Abahloli bakamasipala bayashintshwa ezindaweni abasebenza kuzona ukuze kungayi umuntu oyedwa endaweni eyodwa. Akekho umhloli oyedwa ogunyaziwe ukuphatha mathupha noma ‘ukuvikela’ amabhizinisi,” kusho uLiqwa.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/07/luyaqhubeka-uhlelo-lokubhalisa-amaspaza-ethekwini/
UMasipala unxusa osomabhizinisi ukuthi bahlale beqaphile futhi balandele lezi zindlela ezibhalwe ngezansi ukugwema ukuqolwa:
• Faka isicelo semvume yebhizinisi emahhovisi eMunicipal Regional Business Licence;
• Ungalokothi ufake imali kuma-akhawunti abantu. Khokha kuma-akhawunti kamasipala asemthethweni;
• Sebenzisa izikhungo zeSizakala ukukhokha;
• Qinisekisa ukuthi ukuxhumana kuvela kuma-email kamasipala; ukuthi kusuka ku- @durban.gov.za, hhayi ama-akhawunti e-Gmail. Izinombolo zocingo zikamasipala ziqala ngo-031 3111. Umasipala ukhipha amalayisensi angabizi, abanikazi bezitolo ezingama-tuckshop namaspaza bakhokha uR287 ngonyaka, amalayisensi ebhizinisi lokudla abiza uR574.
Amabhizinisi kufanele avuselele amalayisensi awo minyaka yonke mahhala ukuze aqhubeke nokuhambisana nomthetho. Ukuze uthole usizo ngelayisensi yebhizinisi, vakashela ihhovisi likamasipala elikhulu lamalayisense eliku-7th Floor e-Embassy Building, 199 Anton Lembede Street noma ushayele u-031 311 4535 noma uthumele i-email ku-licensing@durban.gov.za