Umsunguli weLuhnyezi Farm uNkk uSamukelisiwe Sithole, okewahlomula kwiLions Den Business Plan Competition, umncintiswano kaMasipala waseThekwini ocija osomabhizinisi abancane futhi ubahlinzeke ngezinsiza. Isithombe: Sithunyelwe

I-Lions Den Business Plan Competition izohlomisa abasafufusa

YINTATHELI YOMBELE

UMA osomabhizinisi abancane bebuzwa ukuthi yiziphi izingqinamba ababhekana nazo, iningi livamise ukuthi yimali yokusungula ibhizinisi. UMasipala waseThekwini uzoxazulula le ngqinamba ngomncintiswano womabhizinisi abancane i-Lions Den Business Plan Competition

Lo mcintiswano wenzelwe amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo nayimifelandawonye azothola izinsiza eziqondene nawo ngqo ezizowalekelela ukukhula. 

Amabhizinisi kufanele abenohlelo lwebhizinisi olucacisa ukuthi azoyandisa kanjani imisebenzi futhi aqhubeke nokufaka imali emnothweni waseThekwini. Ukungenela umncintiswano sekuvuliwe kanti kuzovalwa mhlaka-18 wango-Ephreli. 

Nansi imikhakha ezobhekwa: 

  • Ibhizinisi elincane elisanda kuqalwa (i-Emerging Business) elingenisa imali engaphansi kukaR100 000 ngonyaka;
  • Ibhizinisi eselisebenza (i-Established Business) elingenisa imali ephakathi kukaR100 000 noR500 000 ngonyaka;
  • Ibhizinisi elivelele (i-Entrepreneurial Excellence) elingenisa imali engaphezu kukaR500 000 ngonyaka elikhombisa ukuthi liphethwe kahle futhi linomholi owaziyo umsebenzi. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/09/23/bahambe-behleka-bodwa-osomabhizinisi-abahlonishwe-emcimbini-wemiklomelo-intatheli-yombele-iyabika/

Abazongenela umncintiswano kufanele bayothula izinhlelo zabo zebhizinisi noma ezokulikhulisa emajajini. 

Abazophumelela bazothola imiklomelo ehlukene, okubalwa imali, imishini yokusebenza, izinsiza zokusebenza noma izithako, imikhiqizo edingeka emabhizinisi abo ukuze bakukhule. 

Amafomu okungenela atholakala emahhovisi eBusiness Support, Tourism, Markets and Agri-Business Unit ese-Embassy Building, ku-7th floor, ku-199 Anton Lembede Street.

Ayatholakala kubo bonke oSizakala Centre nasemahhovisi eSmall Enterprise Development Agency (iSEDA) eThekwini.

Ayatholakala na-online ngokungena ku-www.durban.gov.za or noma kule link: 2025 EThekwini Municipality Lions Den Business Plan Competition Application Form.pdf

Uma esegcwalisiwe kufanele athunyelwe kuYanga Nyakeni kwi-email ethi: yanga.nyakeni@durban.gov.za. Ngeminye imininingwane kungashayelwa uYanga Nyakeni ku-031 309 8280.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page