UMasipala waseThekwini unxusa abadayisi basemgwaqweni ukuthi bafake izicelo zokuhweba. Isithombe: Sithunyelwe

Ithuba lokufaka izicelo zezimvume zokuhweba

YINTATHELI YOMBELE 

UMASIPALA waseThekwini usuvule ithuba kubadayisi basemgwaqweni abafuna ukuhweba ezindaweni ezihlukene zalo masipala.

Uthe leli thuba ulivule ngoba uqonda ukuthi abadayisi basemgwaqweni baneqhaza elibalulekile ekufukuleni umnotho wedolobha kanti uma bedayisela ezindaweni zikamasipala bacijwa ngamakhono abasiza ukuphumelela ebhizinisini.

Ukuqinisekisa ukuthi abadayisi basemgwaqweni bayaphumelela futhi basebenzela ezindaweni eziphephile, umasipala utshale imali ekwakheni izindawo zokuhweba, ama-kiosk nezindawo zokugcina izimpahla ezifundeni ezihlukene eThekwini. 

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, umasipala uthe kunezindawo zokuhweba enkabeni yeTheku, eningizimu, entshonalanga emaphakathi nengaphandle, ezigudle ulwandle nasenyakatho yedolobha. 

Ukwakhiwa kwezinxanxathela zezitolo kuza namathuba okwakhiwa kwezindawo zokuhweba, okubalwa iCornubia Retail Phase 1B, iMidway Mall Traders Kiosk neBridge City Business Hive, ezizovulela abahwebi amanye amathuba. 

Ukwakhiwa kwezindawo zokuhweba kuyingxenye yezinhlelo zikamasipala zokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yokuhweba isesimweni esihle futhi abahwebi basebenzela ezindaweni ezibanika isithunzi neziheha abantu. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/07/luyaqhubeka-uhlelo-lokubhalisa-amaspaza-ethekwini/

Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe: “Inhloso yabo ngokutshala imali ezindaweni zabahwebi basemgwaqweni wukuqinisekisa ukuthi bayakhula, bahweba endaweni efanele futhi ezobasiza ukungenisa imali ngaso sonke isikhathi. Sizimisele ukusimamisa impilo yabo nokuthi abahwebi basemgwaqweni bakhule ukuthi badale imisebenzi bangenise nemali emnothweni.”

Le mizamo yabo izoqinisekisa ukuthi abahweba emgwaqweni bayaphumelela futhi bayahweba ngaso sonke isikhathi. 


Ukufaka isicelo sokuhweba abadayisi kufanele kubengabantu:

  • Abazokwazi ukuhweba ngesikhathi esinqunyiwe;
  • Akufanele kubewumuntu oqashwe ngokugcwele noma onelinye ibhizinisi;
  • Akufanele kube wumuntu onetafula noma indawo yokuhweba engaphansi kukaMasipala waseThekwini. 

Naku okudingekayo:

  • Ukuchaza ukuthi kuzobe kwenziwani kuleyo ndawo noma imikhiqizo ezodayiswa;
  • Ikhophi kamazisi (noma imvume yokusebenza uma kuwumuntu wokufika);
  • Ubufakazi bokuthi ukhubazekile uma kuwumuntu okhubazekile;
  • Ikheli lalapho umuntu ehlala khona.

Uhlelo lokufaka isicelo:

  • Faka incwadi yesicelo esho ukuthi ufisa ukuhweba kusiphi isifunda;
  • Faka wonke amaphepha afanele nemininingwane otholakala kuyo lapho kuzothunyelwa khona impendulo yemiphumela yesicelo.

Izicelo zivalwa mhlaka-14 wango-Ephreli ngo-12 emini. 

Ngeminye imininingwane ngezindawo zokuhweba abantu bangangena ku: https://bit.ly/41JKNIt

Kungafundwa neMetro Ezasegagasini, iphephandaba likamasipala elitholakala kuwo wonke amaSizakala Centres, amahhovisi kamasipala nakwi-website kamasipala u: www.durban.gov.za.

Izicelo zingathunyelwa kula mahhovisi alandelayo: 

  • Elisenkabeni yedolobha eThekwini, ku-126 Johannes Road, Warwick, 031 322 8673/2;
  • Eliseningizimu, 16 Inwabi Road, Isiphingo, 031 902 2024; 
  • Elisentshonalanga, ePinetown Civic Centre, 60 Kings Road, 031 311 628;
  • Elisenyakatho, KwaMashu, E 1139 Ntombela Road, 031 322 1837/031 311 4612; 
  • Elisenyakatho enhla, 151 Wick Street, eVerulam, 031 322 1781;
  • Eligudle ulwandle, 40 Boscombe Joc Terrace, eVictoria Park, eNorth Beach, 031 322 9686.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page