UMnu uTshepo Mahloele, usihlalo weTakatso Consortium ezotakula iSSA

Izithombe: wuGoogle noTshepoMahloele.com

Kumenyezelwe abazovuselela iSAA inkampani kahulumeni ebisiphila ngokutakulwa

UHULUMENI usuqoke iTakatso Consortium njengenkampani ezimele esizobambisana nawo ukuvuselela inkampani yamabhanoyi iSouth African Airways (iSAA). Lesi simemezelo sisho ukuthi u-51% weSAA usuphethwe yinkampani ezimele.

Le nkampani ihlanganiswe yiHarith General Partners, inkampani engabatshalimali kwingqalasizinda e-Africa, neGlobal Aviation, inkampani esembonini yamabhanoyi. Ngokwesitatimendeni esithunyelwe, lezi zinkampani zithe inhloso yalesi sivumelwano wukwakha inkampani ezokwazi ukuzimela futhi ibe ngesezingeni eliphezulu e-Afrika.

Omunye wabasunguli beHarith nongusihlalo weTakatso, uMnu uTshepo Mahloele, uthe banesipiliyoni, ikhono nemali yokuguqula iSAA ibe yibhizinisi elizozimela.

“Lesi sivumelwano yisisombululo esihle saseNingizimu Afrika. I-Harith njengabanikazi besikhumulo sezindiza iLanseria banesipiliyoni esinqala kwingqalasizinda yezokuthutha nasembonini yamabhanoyi. Sesitshale ngaphezu kuka$1 billion kwingqalasizinda e-Afrika ukukhulisa iminotho. “Indlela iGlobal eyenza ngayo izinto ihlukile, ihlelekile futhi iyifanele inkampani yamabhanoyi entsha. Siphokophele ukuletha uguquko futhi sinamakhono ahlukile,” kusho uMahloele.

Imizamo yokuvuselela iSouth African Airways

Isikhulu esiphezulu seTakatso uMnu uGidon Novick ngomunye wezikhulu eziphezulu zeComair futhi ongomunye wabasunguli benkampani yezindiza iLIFT. Uthe uyakholwa wukuthi iSAA ingakhuliswa ibe ngenye yezinkampani ezisebenza kahle, eziphathisa amakhasimende okwamakhosi futhi ezingasiza ukukhulisa umnotho waseNingizimu Afrika, ikakhulukazi imboni yezokuvakasha.

Uthe ukubheduka kweCOVID-19 kuletha amathuba amasha kanjalo nenqwaba yabantu abanamakhono futhi namabhanoyi acoshwa phansi emhlabeni. Kunezinhlelo zokuthi le nkampani ihwebe kwiStock Exchange ngelinye ilanga. Isimemezelo ngokuthi yiziphi izindawo namazwe ezowahambela sizobuye senziwe. – Intatheli yoMbele

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page