UMnu uMfundo Dubazane, umnikazi weMBL Guesthouse, indawo yokulala yekhethelo eseNtuzuma, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Indawo yokulala iletha ukunethezeka elokishini

WUTHOBILE ZWANE

UKUBONA isikhala sokungabibikho kwendawo yezivakashi nemicimbi kwenza insizwa yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yavula indawo enesasasa. Le ndawo isenkabeni yeNtuzuma, eThekwini.

Yingenxa yaloku uMnu uMfundo Dubazane waseMatendeni, eNanda A, eThekwini, aqale ibhizinisi iMBL Guesthouse, okususelwa ezinhlavini zokuqala zamagama akhe uMfundo Benjamin Luke.

Uthi umqondo wendawo yezivakashi yokuqala eNtuzuma yafika ngokuthi enze ucwaningo wabheka indawo enganandawo yokuhlala izivakashi elokishini. Uthi kwabayindlela okwaqala ngayo uhambo olwaguqula isifiso sokubanendawo kwabayibhizinisi eliphumelelayo.

“Ngikhulele lapha eMatendeni, eNewtown kwa-A. Into eyodwa engangihlala ngiyiqaphela wukungabibikho kwezindawo zokulala ezisezingeni elifanele endaweni yethu. Zazingekho izindawo ezihlanzekile, ezinethezekile lapho abantu babengahlala khona, baphumule noma benze imicimbi emincane. Wavela khona umqondo weMBL Guesthouse – ukuletha ukunethezeka ekasi (elokishini),” kukhumbula yena.

Uthi ngaphezu kwezinselelo ezivamile zebhizinisi elisanda kusungulwa, iMBL yaqala ukusebenza ngesikhathi se-COVID-19.

“Izinyanga ezimbalwa zokuqala zabanzima ngendlela emangalisayo. Sasingakaziwa futhi izinto eziningi ezibalulekile zazingekho zokungenisa izivakashi. Zazihamba izinsuku singenamakhasimende kodwa sinezisebenzi okufanele sizikhokhele nezikweletu okufanele sizikhokhele. Kwakuyisikhathi esinzima sokufunda,” kulanda uDubazane.

Uthi ukubekezela, okuhambisana nokuzibophezela ekuhlinzekeni into esezingeni eliphezulu, kwagcina kuthele izithelo. Namuhla iMBL Guesthouse inamagumbi amathathu avulekile afanele amathimba amakhulu namakamelo amabili anama-en-suite afanele umuntu noma abantu abafuna indawo enokuthula.

Elinye lamagumbi eMBL Guesthouse angakwenza ucabange ukuthi ukwamakhelwane eMhlanga

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/12/29/ukwanda-kwezindawo-zobumnandi-kumnike-umqondo-webhizinisi-lendawo-yokulala-elokishini-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

Uthi izivakashi zabo abantu bendawo abathakasela impelasonto enokuthula kuye kwabavela kwezinye izindawo esifundazweni nosaziwayo. Kwabanye osaziwayo asebeke bafika eMBL kubalwa uNaledi Aphiwe, “uMr Music”, uSamkelo Shezi no“Khabajah”. 

UDubazane uthi le ndawo ayilona nje ibhizinisi kuphela kodwa futhi ifukula umphakathi esebenzela kuwo. Useqashe izisebenzi ezintathu, zonke okungabantu bendawo, kusukela kophethe umsebenzi, ezokuphepha noqondene nezokukhangisa.

“Izisebenzi zethu siyaziqeqesha futhi sibanemihlangano njalo ukuqinisekisa ukuthi ziyawuqonda umbono wethu futhi zigcina izinga eliphezulu lomsebenzi. Indawo yethu ihlolwa wumNyango wezokuVakasha ukuze sihlale sihambisana nemithetho nemigomo yemboni, okusisiza sikhule futhi sithuthuke,” kusho yena.

Uthi uma bebheka phambili, iMBL izokwandisa izinto ezizotholakala endaweni yabo njengokuvula ilondolo yokuwasha izingubo zezivakashi iMBL Laundromat kulo nyaka.

Kwabafisa ukulandela ezinyathelweni zakhe, uthi: “Izivakashi zakho zizofuna ukunakwa ubusuku nemini, kusukela ekubekiseni indawo kuya ekunakekeleni nasekukhangiseni.

“Udinga ukuzilungiselela ngokwezimali, ubenohlelo lwebhizinisi olucacile futhi uqonde izinto ezibalulekile ezinjengamanani amagumbi nendawo yokuhlala. Okubaluleke kakhulu, kulungele ukufunda nokuzivumelana nezimo,” kucebisa uDubazane.

  • Facebook: MBL Guest House – Ntuzuma 
  • Instagram:  @MBLguesthouse

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page