UNksz uNolwazi Cele, umsunguli we-Uchopho enakelela nelapha izinkinga zezinyawo. Izithombe: Zithunyelwe

Owazalwa enenkinga yonyawo usiza abanye ngeChopho

WUTHOBILE ZWANE

IKHULA intokazi  yaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yazalwa inenkinga yonyawo. Yazalwa ene-club foot, unyawo olungaqondile ngendlela ingane ezalwa nalo.

Ngenkathi ekhula wabona izinselelo abhekana nazo ngenxa yonyawo lakhe, ukuthi zayishintsha kanjani impilo yakhe wagcina efisa ukusiza abanye abanezinkinga zezinyawo. 

UNksz uNolwazi Cele wasungula uChopho, ibhizinisi elilapha izinyawo, bazibhucabhuce futhi basuse amansense. Linemikhiqizo eminingi okubalwa kuyona usawoti omahadlahadla ohlanganisiwe namafutha okugcoba izinyawo.

Uthi umqondo wegama elithi uchopho wafika ezibuza ukuthi yiliphi igama elizozwakala kubantu abangajwayele ukunaka izinyawo.

“Wonke umuntu uhlale ematasa izinyawo uzizwa ngoba sezibuhlungu ukuthi unenkinga yezinyawo kodwa leli gama uchopho wonke umuntu uyalazi ukusebenzisa. Sibone kulula ukuthi umuntu akwazi ukusheshe alibambe ngoba itshe siyalisebenzisa ukususa ukungcola ezinyaweni zomuntu ngaphansi,” kusho yena.

“Abantu abaningi bahlale bengibuza ukuthi nginenkinga yonyawo kanjani ngoba ngihlale ngihamba kahle. Ngazalwa ngiwumunt one-club foot, okuyinto ekwenza uhambe ngamacala ezinyawo. Namanje kuyabonakala ukuthi kunenkinga engake ngaba nayo kodwa ngenxa yokuthi odokotela bangisiza basebenzisa indlela kakhonkolo ngoba ngangisemncane babona ukuthi kuzolapheka ngokhonkolo,” kulanda uNksz uCele.

UNksz uCele ebhucabhuca izinyawo zekhasimende 

Uthi abantu ababona le nkinga sekudlule isikhathi bagcina sebehlinzwa bafakwe izinsimbi. Uthi abantu bayadinga ukunakekela inyawo, bazithobe, bazigcobe kanti bayazelapha.

Amani abo okunakekela izinyawo zamakhasimende aqala kuR80 kuya kuR250.

UNksz uCele waqala ukubona iphupho lakhe ngesikhathi efunda eCreative Arts College eThekwini, lapho ayefundela khona i-beauty therapy. Ngesikhathi efunda wayengagxilile ukufundeleni ukuphophotha ubuso noma ukunakekela isikhumba kodwa wagxila ekunakekeleni umzimba. 

“Inkampani yaqala ngo-2022 ngenkathi ngibona ukuthi abantu uma behamba ezinxanxatheleni zezitolo uma beqeda ukuthenga bayakhathala. Yonke into isuka ezinyaweni igcine isithelela umzimba,” kusho yena. 

Uthi okwamanje usenabantu ababili abaqashe ngokuphele. Uthi njengawo wonke amabhizinisi nabo banezinselelo. “Kuye kufike abantu bezofuna usizo lwethu becabanga ukuthi siwodokotela kanti cha thina senza nje loko naloko ezinyaweni okunjengamansense bese simjikisa kodwa simeluleke ukuthi aqale ayobonana nodokotela ukuze akwazi ukumhlola kahle, amtshele ukuthi okufanele aqale ngakho ngoba asikwazi ukusiza umuntu uma esebolelwe wunyawo. Siphatheka kabi ngoba sisuke singakwazi ukumsiza,” kusho uNksz uCele.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/25/unebhizinisi-lokubhucabhuca-elivame-esilungwini-emajukujukwini-kobantu/

Uthi inkampani yabo ihlukile ngoba bayakwazi ukuya emakhaya abantu uma bebiziwe wumuntu okubalwa ogogo nomkhulu esebehola impesheni nosomatekisi ngenxa yokuthi basuke bematasa bengakwazi ukusuka erenki bayothola usizo.

“Erenki kuthatha imizuzu eyishumi kuya kwewu-15 sifike sifake amanzi, umuntu simchophe, okuyiyona ndlela esilapha ngayo amakhasimende ethu. Asithathi isikhathi esiningi somuntu kodwa umehluko umuntu osuke ewuzwa uyawubona,” kusho yena.

Weluleke abantu abafisa ukuqala amabhizinisi ukuthi baqale benze ucwaningo ngebhizinisi abafisa ukuliqala kuqala kanti nesikole sibalulekile. Muzwe exoxa: 

“Mina ngalandela  inhliziyo yami. Ngabona ukuthi engifisa ukukulandela okwezinyawo, ngoba ngazalwa nginenkinga yezinyawo ngabona ukuthi kuyangijabulisa ngoba ngizokwazi ukusiza abanye abantu abanenkinga yezinyawo ngoba nami kukhona abangisiza njengoba sengikwazi ukuhamba namhlanje,” kuphetha uNks uCele. 

  • Instagram: @uchopho_sa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page