Bakulethela konke okwenhlanzeko ndawonye
WUTHOBILE ZWANE
NGESINYE isikhathi kuvele kudume ikhanda kumuntu uma edilizwe emsebenzini ngoba usuke ecabanga ukuthi uzothathani ahlanganise nani. Nokho intokazi yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ayizithambisanga yazivulela umnyango wokuziphilisa.
UNkk uNozipho Thakane wasungula iCleanFest ekhiqiza insipho yezitsha, i-thick bleach kokuhlanza ukungcola okunenkani kokhaphethi, isofa, omatrasi nokunye.
Ibhizinisi walisungula ngo-2020. Wafundela i-Medical Microbiologiy eNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Ngesikhathi kuqala i-COVID 19 wadilizwa emsebenzini, wase engena ebhizinisini.
“Sisiza abantu abasebenza ngokudla ukuhlolwa ngenhlanzeko. Imikhiqizo yethu ihlolwe yiSABS. Uma udonsa kanzima ekhaya unamabala ongeke ukwazi ukuwasusa kukhaphethi noma kosofa, usithumela umyalezo sifike kwakho, sishiye umuzi unuka kamnandi. Sinemikhiqizo ekhona ama-air freshner ahlala isikhathi eside,” kusho yena.
Imikhiqizo yabo iqala kuR150. “Insipho yezitsha iwuR170 u-5 litre kanti ihlala isikhathi eside,” kusho yena.
Eminye imikhiqizo yeCleanFest
Ibhizinisi selisimeme waze waqasha abantu abahlanu abaqashwe ngokugcwele, nabanye abahlanu abayitoho ababizwa uma umthamo womsebenzi umningi.
“Into ehlukile ngathi wukuthi siyibhizinisi okwazi ukuthola yonke into eyisixazululo senhlanzeko endaweni eyodwa. Isibonelo, amakhasimende ethu, ikakhulukazi lawo asebenza ngokudla, siwahlinzeka ngemikhiqizo yethu futhi sibenemikhiqizo yokuhlanza, ngakho amakhasimende ethu athola yonke into kithi,” kusho uNksz uThakane.
Isifiso sakhe ngebhizinisi wukubona linezinhlaka ezintathu ezihlukene kungowokukhiqiza amakhemikhali, owokuhlaza nowezokuphepha kokudla. Ufisa ukuzibona eqhubeka ukwakha amathuba omsebenzi.
Kwabafisa ukuqala ibhizinisi, uthi kufanele ubenezinhloso ezinhle uma uqala ibhizinisi, ucabange isikhathi eside ngoba ibhizinisi akuyona into oyiqala namuhla bese uzuze imiklomelo khona namuhla, ungaqhathanisi ibhizinisi lakho nawabanye, unake uhambo lwakho kuthi uma kungalungi uzame enye into.
- Facebook: Cleanfest