Ukubhuntsha komsebenzi waphesheya kwamvulela umnyango webhizinisi
WUTHOBILE ZWANE
UMNIKAZI wendawo yokudla neshisanyama yaselokishini unesifiso sokuvula amagatsha ezindaweni ezihlukene ukuze akhe amathuba omsebenzi.
I-BBQ Boyz yaKwaNdengezi, eThekwini, KwaZulu-Natali kaMnu uVuyani Khumalo idayisa ukudla okusheshayo okunjengama-burger ahlanganiswe abangama-platter ahamba nenyama eyosiwe. Uthi inhloso wukuheha abantu abathanda ukuya ezindaweni zokudlela nabakhonze inyama eyosiwe.
“Ukudla engikwenzayo kusuke kuyingxubevange: amaphiko, ama-burger ne-chicken wrap. Ngesinye isikhathi uyakwazi ukwengeza eceleni ofisa ukukufaka okungamasaladi, ama-chips amazambane nama- roll. Uyakwazi ukuthenga ama-burger eceleni uzikhethele,” kusho yena.
Amanani okudla aphakathi kukaR50 noR100. UKhumalo, one-National Diploma in Hospitality yaseDurban University of Technology, waqala ibhizinisi ngo-2020 emva kokubhuntsha komsebenzi ayesewuthole phesheya.
“Ngaqashwa ukuthi ngiyosebenza ehhotela phesheya kwezilwandle, kwavele kwafika i-COVID-19, kwamele sime kancane. Ngase ngibona ukuthi angiqale ibhizinisi ukuze ngikwazi ukusebenza, kunokuthi ngihlale.”

Izibiliboco zaseBBQ Boyz zidekiwe
Uthi yize kukhona ithuba elamphuthela ngenxa yobhubhane kodwa futhi kuyamjabulisa ukuthi kwamnika isikhathi sokucabangisisa izinto kabusha.
“Ibhizinisi lihlale linezinto zalo kodwa okwamanje ngingasho ukuthi lihamba kahle. Kuba khona lezo zikhathi zakhona obona ukuthi akusahambi ngendlela obekukade kuyiyona. Kuya nangesikhathi sonyaka nezinga lokuqashwa kwabantu endaweni osebenzela kuyona, nako okunesandla esikhulu ebhizinisini,” kusho uKhumalo.
Uthi ulwazi aluthola ngesikhathi eqeqeshelwa umsebenzi luyamsiza ngezinto eziningi ebhizinisini ngokuthi kulindelekeni kuyena ngoba uhlale enamaqhinga angawazama ngebhizinisi nokuhlukile nendlela aziveza ngayo kubantu.
“Uma ngibuka abantu abaningi abasebenzi, (ngakho) ngifisa ukudala amathuba omsebenzi ezindaweni eziningi. Sibuye siye emalokishini ahlukene uma kuthiwa abalandeli bethu baningi abasuke bethi asibahambele ezindaweni abahlala kuzo, ikakhulukazi abasilandelayo ezinkundleli zokuxhumana,” kusho yena.
UKhumalo uthe okwenza ibhizinisi labo lihluke wukuthi bayakwazi ukutayela ngokudla futhi badedela namakhasimende azenzele ngendlela athanda ukudla kwawo kuhlanganiswe ngayo.
Babamatasa kakhulu uma kuyimpelasonto noma kuphele inyanga. Uqashe izisebenzi eziwu-15 kanti eziwu-8, ziqashwe ngokugcwele.
- Facebook :@BBQ Boyz Kwandengezi 704
- Instagram: bbqboys_za