Umnikazi wenkampani yezolimo iWenzokuhle Holdings, uNksz u-Ayanda Zulu uthi ezolimo azisibo ubukhazikhazi kodwa zinothile. Izithombe: Zithunyelwe

Wangena kwezolimo ngemva kokubhuquza ekhaya

WUTHOBILE ZWANE

INTOKAZI yaKwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natali, yathatha isinqumo sokungena kwezolimo ngenxa yokuthi kwasekuphele isikhathi eside ingawutholi umsebenzi.

UNksz u-Ayanda Zulu wasungula iWenzokuhle Holdings ngo-2016.  Uthi wayengakaze azibone ewumlimi.  

“Ithuba lokuba wumlimi ngalibona ngesikhathi ngibona omunye wesilisa ophumelele ethenga imoto i-Audi Q7 ngaphandle kwesikweletu,  okwangikhuthaza kakhulu ukuthi ngibe wusomabhizinisi emkhakheni wezolimo. Ngabona ukuthi kuyaphileka ngokulima futhi awulali ungadlile uma uwumlimi, neminye imindeni iyakwazi ukuxosha ikati eziko,” kusho yena.

Le nkampani ikhiqiza izitshalo ezifana nobhontshisi neklabishi. “Ngangicabanga ukuthi ukuba wumlimi wukufuya izinkomo nokutshala. Angikaze ngicabange ukuthi umuntu angadayisa izitshalo zakhe ezitolo bese enza inzuzo,” kusho uNksz uZulu.

Umqondo wawushintsha emva kokuxoxisana nomunye umlimi ngesikhathi ezama ukuthola izeluleko. 

“Ngangifisa ukuthola ukuthi ngingaluthola kuphi usizo, ngingaqala kanjani ukulima. Njengomuntu ongenalo ulwazi lokulima, kwangenza ngavakashela abanye abalimi ukuthola ulwazi, ” kukhumbula yena.

Uthi noma zazikhona izinselelo ezazibangwa yisimo sezulu esingesihle endaweni kodwa waqhubeka nokuzibophezela ekutshaleni KwaNongoma.

“Ngangingafuni ukutshala kwenye indawo ngoba ngifuna ukudala amathuba amaningi omsebenzi kubantu abasha bangasekhaya,” kusho yena.

Ukholwa wukuthi abantu abaningi babuka ukutshala njengomsebenzi ongahlelekile, okuwumqondo afisa ukuwushintsha.

“Ukutshala kukhiqiza imali eningi emnothweni waleli zwe kodwa asikuboni loko ngoba abantu basabona ukutshala njengomsebenzi ongahlanzekile, futhi bacabanga ukuthi wumsebenzi wabantu besilisa  kuphela,” kusho uNksz uZulu.

Uthi uke afike kwezinye izindawo lapho kukhona abantu becabanga ukuthi uhamba nomyeni wakhe noma ipulazi akusilona elakhe. Unentshisekelo yokufundisa abalingani bakhe besilisa ngokubaluleka kokuphatha kahle abantu besifazane futhi babahloniphe kulo mkhakha.

UNksz uZulu egabisa ngamaklabishi akhephuzelayo eWenzokuhle Holdings

“Esinye sezifundo ezinzima engisifundile wukuzimela. Akufanele ulindele usizo komunye umuntu noma ulindele akwenzele okuthile ngoba abantu bangakuphoxa. Kufanele ufunde ukuzimela,” kuqhuba yena.

UNksz uZulu uthi yize ukutshala kungesibona ubukhazikhazi kodwa kunenzuzo enkulu kwabazinikele kukona. 

Mayelana nezinhlelo zekusasa leWenzokuhle, uthi uyibona inezitolo eziningi ezinkulu, amaloli okuthutha umkhiqizo wakhe nendawo yokuhlinza nokuhlahlela inyama yempahla abayifuyile. 

“Uma ngikhuluma iqiniso angiziboni ngenza okunye ngaphandle kokubawumlimi.”

  • Facebook: Ayandamageba Zulu

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/11/uhambe-wazibuyela-kwezolimo-akhule-ngazo/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page