Kwesobunxele usihlalo webhodi yabaqondisi le-Ithala Development Finance Corporation uMnu uSihle Mkhize kuvulwa ipulazi lezinkomo likaMnu uMbali Makhubo. Izithombe: Zithunyelwe

Bayachuma abaxhaswa yiThala ngezigidi 

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

SEKUPHELE iminyaka engaphezu kwewu-65 ibhange Ithala laqala uhlelo lokuthuthukisa umphakathi waKwaZulu-Natali nosomabhizinisi, ikakhulu abafuyi nabalimi ngophiko Ithala Development Finance Corporation (i-IDFC).

Kwabasanda kuhlomula kulolu hlelo kukhona uMnu uMbali Makhubo, weMbali Boerdery yaseBergville, phakathi neKwaZulu-Natali, efuya izinkomo zobisi, ehlomule ngoR5.8 million wokuyikhulisa ngo-Okthoba wangonyaka odlule. 

Exoxa noMbele ngosizo aluthole kwi-IDFC, uMakhubo uthe izinto bezingahambi neze kahle ebhizinisini lakhe aliqale ngo-2014, walibhalisa ngo-2018, wasizwa wukuthi uwumuntu ozihluphayo ngolwazi lwamathuba afuze lawa okuchumisa ibhizinisi.

“Kwathi ngiye komunye umcimbi wokucobelana ngolwazi lwamabhizinisi, ngezwa ngohlelo lweThala lokuxhasa osomabhizinisi, nolubeka eqhulwini abemboni yezolimo. Ngacwaninga ngalo, ngafaka isicelo sami, saphumelela.

“Bangisiza ngokungixhasa ngale mali ukuthenga izinkomo eziwu-231 ezimithi, sengeza kweziwu-38 enganginazo ngaleso sikhathi, ngathenga imijovo yokuthi zihlale ziphilile, ukudla nokunye kokunakekela imfuyo,” kusho yena.

Umhlambi wezinkomo zeMbali Boerdery ezithengwe ngosizo lwebhange Ithala

Uthe manje yonke into ihamba kahle ebhizinisini njengoba esekwazi ukuqinisekisa ukuthi izisebenzi zakhe eziyisikhombisa zijabule kanti usebheke ukukhulisa inkampani yakhe kakhulu, akhokhe imali yeThala bese ekwazi ukuqhubeka ngokukhululeka.

Usihlalo webhodi yabaqondisi le-IDFC uMnu uSihle Mkhize uthe basize uMakhubo nabanye osomabhizinisi phambilini ukufukula umnotho futhi baqinisekise ukuthi kuba nomehluko emphakathini wasemakhaya.

“Sinxusa uhulumeni ukuqhubeka weseke izinhlelo ezifuze lolu ukusiza ukuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya ukuqinisekisa ukuthi bathola ingqalasizinda namathuba abakudingayo emabhizinisini abo,” kusho yena.

Ukufakazela ukuthi Ithala aliqali manje ngalolu hlelo, omunye wabahlomula kulona eminyakeni ewu-19 edlule wuMnu uMhlonipheni Zulu weSiyawisa Hlathi, inkampani enodedangendlale wehlathi elinezihlahla, edayisela izinkampani ezihlukene izingodo ukwenza imikhiqizo ehlukene.

UMnu uMhlonipheni Zulu esepulazini lakhe elachuma ngosizo lweThala

UZulu waseRichards Bay, enyakatho yeKZN, uthe waqala ukuxhaswa yiThala ngoR900 000 wokufukula ibhizinisi lakhe ayesanda kuliqala ngo-2005, laphinde lamsiza ngoR8m ngo-2008 noR10m ngo-2012, imali ayisebenzisa ukuthenga imishini yokugenca izihlahla nokusika izingodo, wathenga nezinto zokuthutha akusebenzisa epulazini lakhe futhi wenza nokunye okuningi ukuthuthukisa ibhizinisi lakhe elinezisebenzi eziwu-35 eziqashwe ngokugcwele. 

Iloli elithutha izingodo epulazini leSiyawisa Hlathi elithengwe ngosizo lweThala

“Ukuthembeka kwami ebudlelwaneni bethu kulisize kakhulu ibhizinisi lami kangangokuthi angisahlupheki, noma yinini uma ngidinga usizo lwemali ngixhumana nabo, bangixhase. Bawusizo kakhulu kanti ngicebisa nabanye osomabhizinisi ukuxhumana nabo ukuze basizakale,” kweluleka yena.

UMkhize uphethe ngokuthi bazoqhubeka bafukule umnotho waseKZN ngokuxhasa osomabhizinisi, inqobo nje uma belandela imigomo ababanika yona yokuxhaswa futhi bekhokha ngendlela efanele imali ababaxhase ngayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/26/abezitolo-ezincane-bazoxhaswa-ngor22-million-ekzn/ 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page