Kukhalwa nxazonke ngokudlula emhlabeni kukaDkt uSam Motsuenyane, obeyivulandlela lamabhizinisini abantu abamnyama. Isithombe: Sithunyelwe

Ushiye izifundo eziningi uMotsuenyane: izingqapheli

WUSLINDILE KHANYILE 

AKAVUMANGA ukulawulwa yizimo ayebhekene nazo, kepha wakhuthazwa yizona ephokophela ukushintsha impilo yakhe neyabantu abamnyama jikelele. 

Basho kanje abanye ababhonge emswaneni ngokudlula emhlabeni kukaDkt uSam Motsuenyane, ingqalabutho kasomabhizinisi omnyama. Ushone ngoMsombuluko eneminyaka engu-97.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe ukudlula kukaMotsuenyane emva kweminyaka ewu-60 kwasungulwa i-National African Federated Chamber of Commerces (iNAFCOC) kuyisikhumbuzo sokuthi mdala kangakanani umbono nothando lwakhe ngokuthi abantu kufanele bazimele futhi bathuthuke.  

“Impilo yakhe emangalisayo yokuba wusomabhizinisi, umholi wenhlangano yamabhizinisi, ilungu lephalamende nenxusa lezwe, okungenye yeminye imisebenzi ayenzile, kutshengisa ukuthi siyisizwe esibekezela kangakanani nezimiso zobuntu.

“Inkolelo yakhe yokuthi abantu kufanele bakwazi ukuziphilisa iyingxenye yawo wonke amalungelo akumThethosisekelo esiwathakaselayo futhi enza sikwazi ukukhetha indlela esihweba ngayo, imisebenzi esiyenzayo nendlela esiphila ngayo, okuvikelwa wumThethosisekelo,” kusho uRamaphosa.

UMotsuenyane ungomunye wabantu abasungula inhlangano yosomabhizinisi abamnyama iNAFCOC ngo-1964, ubuholi bayo obaqhamuka nomqondo wokusungula i-African Bank, ibhange lokuqala labantu abamnyama. 

Ngokusho kweMotsuenyane Foundation, laba baholi babephokophelele ukuthi abantu bakwazi ukuziphilisa. Bagqugquzela imiphakathi yabantu abamnyama ukuthi ifake isandla ekuhlanganiseni isigidi esasidingeka ukuvula igatsha louqala laleli bhange eGa-Rankuwa ngo-1975.

UMnu uTebogo Khaas, umsunguli weSMME Forum, uthe uMotsuenyane udele impilo yakhe esebenzela umphakathi, yingakho babona isidingo sokumhlonipha ngokuqamba eminye yemiklomelo yama-Small Business Excellence Awards ngaye. 

“Kubuhlungu nje ukuthi ezinye zezinto ayezisebenzela aziphumelelanga ngendlela ayefisa ngayo uma ubheka okwenzeka kwi-African Bank. Nokho-ke kuhle ukuthi bayaqhamuka abantu abamnyama abanamabhange njengoba (uMnu uPatrice) uMotsepe eseneTyme Bank futhi ewusomabhizinisi okhona nakwezinye izimboni njengezimayini. Sifisa sengathi ngabe baningi nabanye abaqhubeke lapho (uMotsuenyane) eqale khona.

“Okunye wukuthi uhambo lwakhe beluqotho, enye yezinto esigqugquzelayo futhi esifisa sengathi wonke umuntu angayenza ngoba akukona nje okutholayo kuphela kodwa naloko nawe okunikelayo kubalulekile. Indlela enhle esingamhlonipha ngayo wukuthi osomabhizinisi babantu abamnyama bakhe izikhungo ezingeke ziphele, ibuhlungu into eyenzeka kwiNAFCOC,” kusho yena. 

I-National Empowerment Fund (iNEF) nayo ikhalisane nomndeni kaMotsuenyane, emchaze njengenye yamavulindlela embhidlangweni wokuletha inkululeko yomnotho nokukhulisa umnotho ofaka wonke umuntu. 

“Njengevulindlela, ubesekhaleni lo mkhankaso wokuvuselela isithunzi nomnotho wabantu abamnyama kuyona yonke imikhakha. Uqophe umlando futhi ube yisibonelo esingasika iphethini kuso,” kusho uMnu uMziwabantu Dayimani, obambe njengesikhulu esiphezulu kwiNEF. 

UMotsuenyane, odabuka ePotchefstroom, eNorth West, ushiye kwiNAFCOC ngo-1992, wayilungu lePhalamende, lapho aqokwa khona njengosihlalo weNdlu yeziGele ngaphambi kokuba yinxusa leNingizimu Afrika lokuqala eSaudi Arabia ngo-1996 kuya ku-2000. Wayeyinxusa futhi lase-Oman, eYemen, eKuwait naseBahrain.  

Wake wanendawo edayisa izithombo eSoweto, indawo yamathayi kanti ungomunye wabasunguli benxanxathela yabantu abamnyama eDiepkloof, eSoweto, iBlack Chain.

Emva kokuthatha umhlaphansi wasungula uhlelo lwabalimi bama-orintshi, amanantshi, olamula namapapamuzi oluhlanganise abalimi abawu-145, kwasunguleka iWinterveld United Farmers’ Association ngo-2002. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/16/osomabhizinisi-abancane-abangalindi-ukutakulwa-wuhulumeni-isho-kanje-inkakha-engudkt-usam-motsuenyane-ixoxa-notebogo-mokwena/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page