Amalungu eMmakotse Women’s Club yaseLimpopo akhahlanyezwa wumphumela wokuguquguquka kwesimo sezulu, okuphazamisa ukuvuna izithelo zomganu. Izithombe: wuLucas Ledwaba

Isimo sezulu simise kabi abagaya utshwala bamaganu

WU-LUCAS LEDWABA 

UMVUBELI wotshwala bamaganu uNks uLebo Lebese ukhumbula izinto zisahamba kahle eminyakeni edlule lapho izihlahla zomaganu zazikhula kahle futhi kalula esifundeni sangakubo iLepelle Nkumpi, eLimpopo. Ukhumbula futhi nalapho imvula yayisana kakhulu kona, kunomhlaba omningi nezihlahla zezithelo zinkulu, zizinhle futhi zikhiqiza kahle.

Nakuba izazi zale mboni zithi isihlahla samaganu sohlobo i-Sclerocarya birrea singesinye sezibekezelayo ngezikhathi ezinzima kodwa abavuni nabenza utshwala bamaganu ngaso, kubalwa noNksz uLebese, bakhathezile ngomphumela odalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu kulesi sihlahla esaziwa ngokuthi “yisithelo sikaNkulunkulu”.

I-South African Weather Services iqaphele ukuthi ezinyangeni eziyisithupha phakathi kuka-Okthoba ngonyaka odlule noMashi kulo nyaka, bekunesomiso ikakhulu ezindaweni ezincane, sahlasela kakhulu eNyakatho Kapa, eNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa, eFree State, eNorth West, eGauteng naseLimpopo nasezindaweni ezisempumalanga yesifundazwe iMpumalanga. 

I-World Meteorological ithe kulindeleke ukuthi i-El Nino ibhebhezele ukuguquka kwesimo sezulu okungajwayelekile, okuletha umoya oshisayo, kulindeleke ukuthi kubhoke kulo nyaka, okungaholela ekuguqukeni kwesimo sezulu, kushise kakhulu futhi kube nezikhukhula nesomiso. 

I-El Nino ivame ukwenzeka njalo emva kweminyaka emibili kuya kweyisikhombisa, kanti ithatha izinyanga eziyisishiyagalolunye kuya kweziwu-12. Ivame ukuba wukuguquka kwesimo sezulu esihlangene nokufudumala okwenzeka ngaphansi kolwandle maphakathi nasempumalanga ye-Pacific Ocean

“Esikhathini esidlule ubuthi uma uhlaba esinye salezi zithelo, kuthi tsha ijusi eningi. Izithelo zazinkulu futhi zinamanzi amaningi kodwa manje imvula ayisekho, okwenza ukuthi amaganu esiwavunayo mancane futhi awasenamsoco otheni,” kusho uNks uLebese, ekhuluma kwiMarula Festival yaminyaka yonke ebisePolokwane. 

Uyilungu leMmakotse Women’s Club, omunye wemifelandawonye ehlomula ngokuvubela utshwala bamaganu obudayisa kulo mcimbi othatha isonto lonke ohlanganisa nomculo obasePhalaborwa. 

Abanye bomama bevuna izithelo zomganu

UNgqongqoshe wokuThuthukisa umNotho, ezeMvelo nezokuVakasha eLimpopo uMnu uRodgers Monama uthe ngalo mcimbi babheke ukusiza abantu abesifazane abawu-60 bemifelandawonye ewu-15 kulesi sifundazwe.

UMonama uthe kulo nyaka, umnyango awuphethe uzothenga amalitha awu-12 000 otshwala bamaganu ozoba khona kuzo zonke izinhlelo zalo mncimbi wakulo nyaka.

“Eminyakeni ewu-18 edlule bakhule kakhulu osomabhizinisi abakule mboni ngokukhiqiza amaganu, i-atchaar, ujamu wemarula, i-marula peanut butter, amakinati amaganu, insipho yamaganu, ijusi yamaganu neminye imikhiqizo eyenziwe ngamaganu. Lena yimikhiqizo eyenziwe ngokugcina izihlahla zomganu nezithelo zawo kwethu,” kusho uMonama.  

Isithelo somganu esivunwa kakhulu kulezi zihlahla sikhula kakhulu eningizimu ye-Afrika nasezifundazweni ezisenyakatho yeNingizimu Afrika okubalwa iLimpopo, iMpumalanga, iNorth West nasezindaweni ezisenyakatho yeGauteng, lapho zivuthwa khona phakathi kwangoFebhuwari no-Ephreli. 

Ngokubona ukuthi zivuma kakhulu kulezi zindawo, eminyakeni ewu-18 edlule uhulumeni waseLimpopo waqala iMarula Festival ukusiza ukukhulisa umnotho ngazo. 

Kulo nyaka bekubekwe uR8.1 million ukusiza kulo mcimbi obungempelasonto. Ungenisa uR40m emnothweni njalo ngonyaka.

  • Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.mukurukurumedia.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page