‘Imali iphathwa ngobuhlakani, hhayi budlabha’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Andile Vilakazi, umlingisi wemidlalo yeshashalazi, eyethelevishini namafilimu. Uselingise emidlalweni okukhona kuyo Uzalo, uKhethiwe, uHamula, i-Spirit of Azibo, Isibani neNandi: The Musical 

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2016, ngayivula eFirst National Bank. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali iyasetshenzelwa ukuze ubenayo, ngakho akumele uyiphathe budlabha. 

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngo-2016, ngihola uR150 ngosuku. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga iselula negrosa yasekhaya. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga ifenisha yasekhaya nokulekelela ezidingweni zasekhaya nyanga zonke.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Elokuyisaphaza ngokuzijabulisa nabangani, ngigcine ngingabonanga ukuthi ngiyenzeni. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi imali kumele uyisebenzise ngobuhlakani, ugweme ukuthenga izinto ongazidingi ngayo. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingayisebenzisa ukuthenga umhlaba engizolima kuwona, ngiqale ibhizinisi lezolimo. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi abasebenzise imali ezintweni ezibalulekile nezizobasiza ngomuso, bagweme ukuyimosa ngokufuna ukubukwa noma ukuthandwa ngabantu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/01/20/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nosne-radebe-umlingisi-wemidlalo-yethelevishini-neshashalazi-umdansi-nomculi-usne-useke-walingisa-kwi-amambazo-the-musical-i-nandi-the-musical-kuzalo-w/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page