Izifundo zasenyuvesi zimvule amehlo owenza iqhwa elihamba ubuthaphuthaphu
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
USOMABHIZINISI oyisitshudeni saseDurban University of Technology (iDUT) uncoma ulwazi aluthole ezifundweni ze-Diploma in Marketing, azoziphothula kulo nyaka ngokumzalela ibhizinisi lokudayisa iqhwa.
UMnu uSanele Mbanjwa, waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, wumnikazi weBanda Mpo!, inkampani eyenza iqhwa, ilidayisele abantu abenza imicimbi nabadayisa imikhiqizo yeziphuzo ezibandayo emgwaqweni.
“Engikufunda eDUT ngenye yezinto ezingivule amehlo, kwenza ngafikelwa wumcabango waleli bhizinisi engiliqale ngoJuni ngonyaka odlule, ngibona isikhala nesidingo salo ngasekhaya, kungekho muntu olenzayo,” kusho yena.
Eqala ibhizinisi usizwe wunina ukuhlanganisa uR60 000 athenga ngawo umshini wokwenza iqhwa, eliphuma nesikali seqhwa, ehlanganisa nemali abeyihola e-call centre. Muzwe echaza ngezansi:
“Ngabona ukuthi abekho abantu abanebhizinisi elinje ngasekhaya, ekubeni lidingeka ngoba abantu bangasekhaya bahlale benza imicimbi ehlukene edinga (babeneqhwa) kanti futhi akuwona wonke umuntu onamandla okuqasha i-cold room uma enomcimbi. Ngenza kube lula,” kusho uMbanjwa.
U-4kg weqhwa ubiza uR20, wuR18 uma uthenga amaphakethe awu-25, wuR16 uma uthenga awu-60 nangaphezulu noR15 uma uthenga awu-100 nangaphezulu.
Iqhwa leBanda Mpo! selilungiselwe amakhasimende
“Okwamanje ibhizinisi lihamba kahle kakhulu ngenxa yokuthi noma ngisenyuvesi abasekhaya bayangilekelela ukuliqhuba kanti seliqalile ukuthela izithelo njengoba sengidayisela elinye lamagaraji kaphethroli angasekhaya nezindawo ezimbili zokucima ukoma endaweni,” kulanda yena.
Njengabanye osomabhizinisi, uMbanjwa ukhale ngenkinga yokushoda kwamanzi endaweni nogesi ohamba njalo, okwenza umsebenzi wakhe uhambe kancane.
“Yingakho ngihlela ukuthenga amathangi amanzi ne-generator ukusiza ukugwema ukuthi kume umkhiqizo uma kusahambe ugesi noma amanzi engekho endaweni,” kusho uMbanjwa.
Mayelana nezinhlelo zangomuso, uMbanjwa uthi yize engakujahile kakhulu okwamanje kodwa ufuna ukugcina edayisela izitolo ezinkulu iqhwa bese evula amagatsha ezindaweni ezihlukene esifundazweni.
- Facebook: Banda Mpo Ice