UMphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago izolo uthe ukwehla kwamandla emali kusabhokile. Isithombe: Sithunyelwe

Akubanga nashintsho kwimalimboleko

YINTATHELI YOMBELE 

  • IBHANGE loMbuso liphinde langayishintsha imalimboleko njengoba isamile ku-8.25%. 

Loku kusho ukuthi imali amabhange abolekisa ngayo abantu izoqhubeka ibe ku-11.75%. Yisinqumo lesi ikomidi elenza lesi sinqumo, iMonetary Policy Committee (iMPC) elisithathe ngo-elethu.  

Leli bhange lithe ukwehla kwamandla emali kusadlangile njengoba kufinyelele ku-5.6% ngoFebhuwari. Likhale ngokuqonga kwamanani okudla elithe ayephezulu kakhulu ngonyaka odlule ngendlela eyagcina ukwenzeka ngo-2008. 

I-MPC ithe yize eseqalile ukwehla amanani okudla kodwa kungenzeka akhuphuke futhi ngenxa yesomiso. 

Ikhale nangokwehla kwamandla erandi. 

  • AMANANI okudla ngoMashi awakhuphukanga uma kuqhathaniswa nangoFebhuwari kodwa uma kuqhathaniswa ngonyaka odlule anyuke ngo-6.3% esuka ku-R4 966.20, afinyelela ku-R5 277.93.

Loku kuvele kwi-Household Affordability Index eshicilelwa yiPietermaritzburg Economic Justice & Dignity. Kunezinhlobo zokudla eziwu-28 ezinyukile, kuthi ezingu-16 zancipha ngoMashi. 

I-Household Affordability Index ibheka amanani ezinhlobo zokudla eziwu-44 emasuphamakethe awu-47 nasemabhusha awu-32 eGoli, eGauteng, eThekwini, eMgungungundlovu naseMtubatuba, KwaZulu-Natali, eKapa, eNtshonalanga Kapa naseSpringbok, eNyakatho Kapa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page