Beka imali ukuhlomela ubunzima bangomuso

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLethu Nkwanyana, imbongi nesishoshovu sobuciko

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngisasemabangeni aphansi, ngayivula eFNB. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali iyasetshenzelwa ukuze ube nayo. 

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Angikaze ngenze umsebenzi oqondile ngaphandle kobuciko kodwa ngiyakhumbula ukuthi ubuciko bami baqala ukungikhokhela uR4 000. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga iselula entsha. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthwala izindleko zami zokufunda. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Elokujabula kuze kweqe, bese kumoseka imali ngezinto ezingenasidingo. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi kumele uzijwayeze ukubeka imali, ube nohlelo lokuthi uzoyisebenzisa kanjani. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingayitshala emabhizinisini ehlukene ukuze izale yande bese ngilungisa konke okungalungile ekhaya. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi ababenohlelo lokubeka imali ukusiza ukuhlomela isikhathi esinzima.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/09/29/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-noluleka-mhlanzi-imbongi-yezinkondlo-zesingisi-nombhali-wencwadi-ethi-confiscated-identity/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page