Kunethemba elincane ngamandla emali yize amanani okudla esaqhubeka nokunyuka. USLINDILE KHANYILE uyabika
UKWEHLA kwamandla emali kuthe ukuba ngcono ngoNovemba kwabawu-5.5%, kusuka ku-5.9% ngo-Okthoba.
Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa (iStats SA) ngoLwesithathu ziveze ukuthi loku kudalwe wukwehla kukaphethroli ngo-5.5% ngoNovemba, okwenze ukuthi uphethroli wehle ngo-1.8% uma kuqhathaniswa noNovemba wangonyaka odlule, usuka ku-11.2% ngo-Okthoba.
“Lokhu kuholele ekutheni ezokuthutha zehle ngo-4.3% zisuka ku-7.4% ngonyaka odlule,” kusho iStatistics SA.
Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala anyuke mawala afinyelela ku-9.0% kanti kuyaqala ezinyangeni ezine ukuthi anyuke kangaka. Awenyama akhuphuke ngo-3.5%, esuka ku-3.4% ngo-Okthoba kanti umkhuhlane wezinyoni uqhubekile nokuphazamisa abadayisi benyama yenkukhu. Inyama yenkukhu eneqhwa inyuke ngo-7.3% ngoNovemba, isuka ku-5.5% ngo-Okthoba, kwathi engenalo yenyukela ngo-9.1% ngoNovemba.
“Amaqanda aqhubekile nokubiza anyuka ngo-10.6%, okusho ukuthi uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule asuke ku-24.4% ngo-Okthoba, afinyelela ku-39.9%. Izithelo zinyuke ngo-11.5% ngoNovemba, okuyiyona ndlela ephezulu kunazo zonke esike yanyuka ngazo kusukela ngoDisemba wango-2020 ngesikhathi enyuke ngo-11.8%,” kusho iStatistics SA.
Uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule, ushukela noncamnce banyuke ngo-18.5.%, besuka ku-17.6% kusukela ngo-Okthoba. Ushukela omhlophe unyuke ngo-21.4%, kwathi onsundu wanyuka ngo-23.7%, kwathi ushokoledi oyisixebeledu wakhuphuka ngo-11.8%.
“Amanani esinkwa ne-cereal aqhubekile nokwehla, osekungokwesikhombisa izinyanga zilandelana ehlela ku-8.5%, esuka ku-8.8% ngo-Okthoba. Amaveji athe ukwehla nawo ehlela ku-23.5%, esuka ku-23.6% ngo-Okthoba.”
Iziphuzo ezishisayo zinyuke ngo-11.4% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.
I-Statistics South Africa ibheke namanani okunakekela izindlu okukhona imali ekhokhelwa abantu abasebenza ngogesi no-plumber, amanani abo acwaningwa ngoMeyi nangoNovemba.
Amanani o-plumber anyuke ngo-7.4% ngoNovemba kanti yiwona manani aphezulu kakhulu kusukela ngo-2008.
Imithi inyuke ngo-7.5% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.