Abafundela ezobuchwepheshe benza ezibukwayo ngezinto zokuhloba zesikhumba nepulangwe. Baxoxe noNQOBILE NDLOVU
INYUVESI ihlanganisa abantu abahlukene abaphuma ezindaweni ezihlukene zomhlaba, abanye bagcina sebengabangani abakhulu.
Yiloko okwenzeka kosomabhizinisi baseMonti, eMpumalanga Kapa, uNksz uYondela Sombalo noMnu uSibulele Ntobe namuhla abangabanikazi beGoldspoon, eyenza ingqephu eyenziwe ngepulangwe nangesikhumba.
Bahlangana eNelson Mandela University ngo-2009, lapho uNtobe ayenza i-Diploma in Information Technology: Software Development kanti uNksz uSombalo wayenza i-Higher Certificate in Information Technology Support Services.
Emva kweminyaka badukelana, bahlangana ngo-2021 sebesemkhakheni owodwa kodwa abangawufundelanga.
UNtobe waqala ibhizinisi iGoldspoon ngo-2019 edayisa ama-wine rack, amatafula, ama-cellphone stand okwenziwe ngepulangwe, uNksz uSombalo yena wayesebenzisa ama-wine cork ukwenza izimpahla zokuhlobisa endlini.
“Kwangimangaza ukuthola ukuthi uNtobe wenza into ethi ayifane nale engangiyenza ngoba sobabili sasifunda izifundo ezazicishe zifane kodwa eziqhelelene nomsebenzi wezandla wepulangwe,” kusho uNksz uSombalo.
Ngo-2021 bahlanganisa amakhanda bacabanga indlela yokuthuthukisa iGoldspoon, uNksz uSombalo waqhamuka neqhinga lokudayisa ingqephu eyenziwe ngepulangwe nesikhumba. Benza ucwaningo ngebhizinisi ababefuna ukuliqala.
Bathi iGoldspoon ngeyamakhasimende athanda ingqephu ehlukile kunejwayelekile. Igama lenkampani bathi bazama ngalo ukuchaza imikhiqizo emihle, engagugi nehlala iminyaka njengegolide.
I-Goldspoon yenza amabhande abantu besilisa, amacici abesifazane nezikhwama. Amabhande aqala kuR450, izikhwama ziqala kuR550, amacici awuR120.
“Akubanga lula ukungena emkhakheni wengqephu, ikakhulukazi ngoba sasisebenzisa isikhumba, okwakukusha kuthina sobabili. Ukuthola abadayisi besikhumba, amakhasimende amasha, ukwenza isiqiniseko ukuthi imikhiqizo yethu iyiloku esikufunayo futhi amakhasimende azoyithanda futhi akwazi ukuyithenga.
“Konke loku kwaba yizingqinamba esasingazilindele kodwa kwasifundisa ukubekezela nokulalela okushiwo amakhasimende, kwazise sasisuka entweni esasiyazi sayihlanganisa nesayingayazi,” kusho uNtobe.
Abakaqashi muntu okwamanje kodwa bazimisele ngokukhulisa ibhizinisi, lindlondlobale emhlabeni wonke. Lalela uNtobe echaza.
I-Goldspoon ayizincishi amathuba okuzikhangisa, ngo-Okuthoba ibihambele umbukiso wamaciko eMiriam Makeba Centre of Performing Arts eMonti.
UNtobe uthe kubalulekile ukuya emibukisweni ngoba lokho kukhangisa ibhizinisi futhi ufunda ezinye izindlela zokwenza izinto.
- Facebook: Goldspoon
- Instagram: goldspoon.sbu