UNkuhlu usethi khumu eNedbank ngemva kweminyaka eyevile kwewu-20
YINTATHELI YOMBELE
I-NEDBANK imemezele kuleli sonto ukuthi isikhulu sayo esibheke ukusebenza kwaleli bhange uMnu uMfundo Nkuhlu sizothatha umhlalaphansi.
UNkuhlu, oneminyaka ewu-60, ukhethe ukuthatha umhlalaphansi uma kuphela lo nyaka. Wafika eNedbank ngo-2004 eyi-managing executive: Nedbank Africa.
Esitatimendeni esikhiphile, iNedbank ibonge uNkuhlu ngokusebenza ngokuzikhandla iminyaka ewu-22 ekuleli bhange. Imchaze njengomholi obezinikele kakhulu emsebenzini wakhe. “Kule minyaka ewu-22 eseNedbank Group, uNkuhlu ubeneqhaza elibalulekile ekukhuleni kwaleli bhange. Ubeqinisekisa ukuthi umsebenzi uyaqhubeka futhi izinguquko ezifikile bezingamphazamisi emsebenzini wakhe wokuseka ibhange,” kusho iNedbank.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/10/umakadebona-emabhange-ahlukene-uyoshintsha-izinto-enedbank/
Uphathe izikhundla ezihlukene njengese-managing executive of Corporate Banking and Nedbank Corporate. Waqokwa ukwengamela ukusebenza kweNedbank Group neNedbank Limited ngoJanuwari wango-2015.
Uzogcina emsebenzini ngomhlaka-31 wangoDisemba kanti iNedbank ithe ngeke isaba ne-chief operating officer. Umsebenzi obuwenziwa wuNkuhlu usuzocazelwa ezinye izikhulu zaseNedbank.
UNkuhlu ubewusihlalo womkhandlu oqinisekisa ukuthi kunoguquko embonini yezimali iFinancial Sector Transformation Council, eyilungu lebhodi yeBanking Association of South Africa. Wake wasebenza eSouth African Revenue Service nasemNyangweni wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.
Khonamanjalo, iNedbank ibike ukuthi yenze inzuzo ewuR8 405 million, okusho ukuthi inyuke ngo-0,1% uma iqhathaniswa noR8 399m ebiwenze ngoJuni wonyaka odlule.
Imali eyingenisile ikhuphuke ngo-6%, yawuR38 235m ikhuphukile kuR35 981m ebiwenze ngoJuni wonyaka odlule.
Izindleko zokusebenza zinyuke ngo-3% zawuR21 696m, zisuka kuR21 067m.
Isikhulu esiphezulu seNedbank uMnu uJason Quinn sithe leli bhange liyaqhubeka nokukhula futhi izinguquko abazenzile sezithela izithelo.
Yize imiphumela yezimali abayimemezele kungeyesikhashana kodwa uQuinn uthe bayazi ukuthi izinqumo abazenzayo. okubalwa ukuthenga inkampani yezimali eseMpumalanga ye-Afrika, zizongenisa imali.

