Osomabhizinisi abasebenzela emakhaya bafisa omasipala babaxhase kangcono
WUTHOBILE ZWANE
NJENGOBA sekusondele ukhetho lomasipala, olungoNovemba, osomabhizinisi abancane baKwaZulu-Natali bathi nakuba imithetho kamasipala ibavumela ukuthi bahwebe ngokusemthethweni ngaphansi kwemibandela ethile kodwa inqubo yokuthola izimvume nokuxhaswa isabambezela ukukhula kwamabhizinisi abo.
Bathi abadingi ukuvunyelwa ukusebenzela emakhaya nje kuphela kodwa badinga ulwazi olucacile, usizo lwezimali, izinsiza nezinqubo ezingabanqindi ukukhulisa amabhizinisi abo.
UMnu uSanele Mathe, umsunguli we-Ama-Spice Shop yaseMlaza, eThekwini, uthi umasipala uke ufike uzobachazela ngezinhlelo ezithile zokuseka amabhizinisi amancane. Nokho uthi kugcina sekungabuyi muntu ukuzobazisa ukuthi lezo zinhlelo ziphelele kuphi noma bazohlomula kanjani ngazo
“Inqubo yaloku inzima ngoba ezinye izinto aziphumeleli, ziphelela emoyeni. Izithembiso abazenzayo abazigcini, okwenza ngibambezeleke ekukhuliseni ibhizinisi lami. Ukulandela imigomo yabo nakho kunzima, ikakhulu uma usaqala ibhizinisi.
“Awuhleli ukuthi uzokhipha enye imali ngoba ufuna imvume yokuhweba. Sifisa umasipala usinike usizo lwezimali nezinsiza ukuze amabhizinisi ethu akwazi ukukhula,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/29/kuhlukene-imibono-ngeqhaza-lomasipala-ekusizeni-osomabhizinisi-abancane/
Usomabhizinisi onenkampani edayisa amanzi yaseLadysmith, enyakatho yesifundazwe, ongathandanga ukudalulwa uthe amabhizinisi amancane, ikakhulu asebenzela emalokishini, awasekwa ngendlela okusekwa amabhizinisi amakhulu ngayo.
“Umasipala ugxila kakhulu emabhizinisini amakhulu kunathi. Thina asisekwa ngendlela efanayo. Izimvume nazo zithatha isikhathi ngoba kudingeka izinto eziningi. Uma kushoda into eyodwa ibhizinisi liyavalwa,” kukhala yena.
Uthe omasipala kufanele baqonde ukuthi amabhizinisi amancane yiwona akha umnotho wasemalokishini futhi adala amathuba omsebenzi emphakathini.
“Uma ningawaseki amabhizinisi amancane, ngeke akwazi ukuqasha abantu. Omasipala kufanele beseke amabhizinisi asemalokishini, kungaba amaspaza, abantu abaphekayo namanye amabhizinisi endawo, kunokuhlale kunikwa awabantu bakwezinye izindawo ithuba kodwa ekhona abantu bendawo benamabhizinisi asezingeni elifanele,” kusho yena.
UNksz uSenzile Sithebe, umsunguli weDynasty Clean Juices yaKwaMashu, eThekwini, uthe yize kunezinhlelo zokusiza osomabhizinisi, akufinyeleleki kalula kuzona.
Uthe selokhu aqala ibhizinisi lakhe akakaze athole usizo lwezimali, akholwa wukuthi lungenza umehluko omkhulu ekukhangiseni ibhizinisi, ekwakheni igama lalo nasekwandiseni izinto azenzayo.
“Ngifisa omasipala babeke phambili ukusabalalisa ulwazi ukuze osomabhizinisi bazi ukuthi yiluphi usizo olukhona nokuthi yiziphi izindlela okufanele bazilandele uma sebenqume ukuqala ibhizinisi,” kusho yena.

UNksz uSithebe ufisa omasipala babeke eqhulwini usizo abanalo lokusiza osomabhizinisi abancane
UMnu uZwakele Mdunge, umsunguli we-4 Thousand Fast Food, edayisa ukudla okusheshayo eMlaza, eningizimu yaseThekwini, uthe bayaya emihlanganweni lapho bechazelwa khona ngenqubo yokuthola izimvume kodwa kuyize.
Uthe: “Ibhizinisi lami lisabhekene nezinselelo eziningi kanti imali engenayo ayanele. Kunzima ukukhokhela zonke izinto ezidingekayo. Kwesinye isikhathi ngiphoqeka ukuvala isitolo isikhashana ngenxa yalezi zinselelo, okuyinto ephinde inciphise imali engenayo.
“Ngifisa ukuthi umasipala wenze kubelula ukusiza osomabhizinisi abafana nathi futhi usisize ukuqhubeka nokusebenza nokukhulisa amabhizinisi ethu,” kusho yena.
UMasipala waseThekwini uthe amabhizinisi athile angasebenza ezindaweni okuhlalwa kuzona uma ethobela imigomo ebekiwe futhi engaphazamisi indawo okuhlala abantu kuyo.
Ugcizelele ukuthi amabhizinisi anjengawokudla, ezokungcebeleka nezindawo zokuhlala kufanele athole izimvume ezifanele futhi ahambisane nemithetho efanele ukuze ahwebe ngokusemthethweni.


