I-FairPlay ithi ukunyuka kwamanani kagesi nakadizili sekuyazwela embonini yenkukhu. Isithombe: Sithunyelwe

Abemboni yenkukhu bathi tshiyo, tshiyo ngokunyuka kwezindleko 

WUBONISWA MOHALE

NJENGOBA ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ememezele ukuthi ngeke asilule isikhathi sokumisa intela kaphethroli nodizili, abemboni yenkukhu bakhala ngokukhuphuka kwezindleko.

Inhlangano ekhankasela ukuncintisana okuhle embonini yenkukhu iFairPlay ithi le mboni ithwele kanzima ngenxa yokunyuka kwezindleko zikagesi nezikadizili.

Umsunguli weFairPlay uMnu uFrancois Baird esitatimendeni, unxuse ukuthi uhulumeni usukumele ngokushesha udaba lokunyuka kwezindleko embonini yenkukhu.

“Ukukhuphuka kwezindleko kubeka engcupheni imboni yenkukhu, imisebenzi nokudla okunamaphrotheni okungabizi kubantu abangenamali. Siyazi ukuthi abalimi bayakwazi ukumelana nezindleko ezihlukene kodwa abathengi bazocindezeleka bahluleke ukuthenga ukudla okonomsoco,” kusho yena.

Uthe uhulumeni kufanele ufake inyama yenkukhu ohlwini lokudla olungayikhokhi intela ukuze kwehle izindleko kubathengi, ikakhulu abancike enyameni yenkukhu ukuthola amaphrotheni.

FUNDA NALAPHA: Abanikazi bamaloli bakhala ngokudonsa kanzima ngenxa yamanani kadizili

UGodongwana uthe akakwazi ukulula isikhathi sokumisa intela ekhokhwa kuphethroli nodizili ngoba ngesikhathi eyimisile akakwazanga ukuqoqa uR17,2 billion obekufanele ungene esikhwameni sezwe.

Ungqongqoshe womNyango wokuMbiwayo uMnu uGwede Mantashe uthe akukho angakwenza ukwehlisa izindleko zikaphethroli nodizili.

Okwamanje uhulumeni ubungakabi nezinye izinhlelo zokuvikela abantu ezindlekweni ezikhushulwa yimpi eseMiddle East.

Ukudla okungayikhokhi intela okwamanje yisinkwa esinsundu, impuphu, i-rice, amaveji, istambu, izithelo, i-mealie rice, amafutha, ubisi, ubhontshisi, amabele, ufishi osethinini, amaqanda, ubisi oluyimpuphu, inyama yangaphakathi, inhloko, amanqina, amathambo namaveji asethinini.

Imifelandawonye yezinyunyana iCongress of South African Trade Unions neSouth African Federation of Trade Unions ithe ukunciphisa izindleko zabantu kufanele iBhange lomBuso lingayinyusi imalimboleko.

Ithe ukukhuphuka kwemalimboleko kuzonciphisa imadlana abantu abasala nayo emva kokukhipha imali yokudla nezinye izidingongqangi.

Khonamanjalo, osomatekisi ezifundazweni ezihlukene bakhuphule imali yokugibela bekhala ngokunyuka kukadizili okunyuse izindleko zabo. Abemboni yamaloli bathe izindleko ezihambisana nokunyuka kukadizili zibabeka engcupheni yokuvala izinkampani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page