I-Gautrain Management Agency, ephethe unyazi lwesitimela iGautrain, izothula izimoto ezizohambisa abantu eziteshini zayo kulo nyaka. Isithombe: Sithunyelwe

I-Gautrain izothula ‘u-Uber’ wayo ukwenza izinto lula kubagibeli

YINTATHELI YOMBELE


IMPILO isizobalula kubagibeli besitimela esiwunyazi iGautrain njengoba iGautrain Management Agency (iGMA) ephethe iGautrain isithule izimoto ezizosondeza abantu eziteshini zayo.

Lezi zimoto zizosebenza njengezikhokhelwa ngebanga ezilihambile kanti zizobizwa ngeGau Express.

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu seGMA uMnu uTshepo Kgobe, iGau Express izotholakala kwi-app ngo-Okthoba futhi izobe ingancintisani namuntu.

“Sibone ukuthi kunesikhala esikhona ekusondezeni abantu eziteshini zethu. Kulapho iGau Express ingena khona. Izoqinisekisa ukuthi abantu baya kwiGautrain ngaphandle kwezihibe futhi noma behla kuyona basondela ezintweni zokuhamba ngaphandle kokuphazamiseka,” kusho yena.

Kwezinye izindawo abagibeli beGautrain bebethwala kanzima kufanele bahambe amabanga amade uma sebehle esitimeleni ngenxa yokugweva nemizila kwabashayeli bama-metered taxi.

FUNDA NALAPHA: Uwunjiniyela ongenqeni ukwenza ushintsho umphathi weGautrain 

Ubalule ukuthi ukuphepha kwabagibeli kubalulekile kakhulu kubona, yingakho beze nohlelo oluzoqinisekisa ukuthi abagibeli bafika bephephile ezitimeleni futhi besuka kuzona.

“I-Gau Express ayincintisani namuntu, ingena lapho kunesikhala khona. Abantu bazokwazi ukuthola izaphulelo uma begibela iGau Express. Mhlawumbe kungabawukuthi umuntu ugibela ibhasi lethu, ehle kulo, angene emotweni ekhokhelwa ngebanga elihambile bese egibela isitimela. Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi abantu bahamba ngaphandle kwezihibe,” kusho yena.

Uphethe ngokuthi bazoqhubeka nokuxoxisana nabantu abanamasheya kule nkampani nezinhlaka ezithintekayo ukuqinisekisa ukuthi iGau Express ineqhaza elibalulekile embonini yezokuthutha eGauteng.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page