Umbiko omusha ukhombisa ukuthi i-Operation Vulindlela ithela izithelo
YINTATHELI YOMBELE
IYAVULEKA indlela ye-Operation Vulindlela njengoba umBiko weKota yesiNe ukhombisa ukuthi umsebenzi wayo wokuthuthukisa ingqalasizinda, ukulungisa ukuhambisa izimpahla, ukuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile nogesi kuyenzeka.
Kulo mbiko kuvela ukuthi nakuba kunezinselelo kwezinye izindawo uma kubhekwa khona inqubekelaphambili ye-Operation Vulindlela kodwa izinto ziyaguquka.
Izolo imenenja ye-Operation Vulindlela eHhovisi likaMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uMnu uRudi Dicks ithe selikhona ithimba elihlela i-Eskom kabusha ukuqinisekisa ukuthi kunogesi owanele ozosimamisa umnotho nezwe.
“Ithimba elihlela i-Eskom kabusha lizoqinisekisa ukuthi lo msebenzi wenzeka kahle futhi awandisi izikweletu zale nkampani. Uhulumeni uyaqhubeka nezinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi i-Eskom incintisana nezinye izinkampani njengoba kuzobanendawo edayisa ugesi newusabalalisayo.
“Emva kokubhalisa izikhungo eziwu-147 ezintsha ezizophehla ugesi owu-1 960 megawatt kunezinye eziwu-64 ezibhalise ngasekupheleni kwangoFebhuwari ezizohlinzeka ugesi owu-1 068 megawatt,” kusho yena.
Mayelana nokuthutha izimpahla, uhulumeni uphasise i-National Rail Master Plan, ezosiza ukuvusa izitimela namaguzu. Izinto ezaziphakanyiswe kulolu hlelo Zizoqhubeka ukwenziwa. Izinkampani eziwu-11 zemboni ezimele zizokwazi ukusiza ukuthutha izimpahla ngamaguzu zilekelela iTransnet.
FUNDA NALAPHA: Izinto esizizuze nge-Operation Vulindlela ezangempela kodwa kuyatotoba ngezinye, kuloba uBusi Mavuso
Mayelana namanzi, umbiko uthi uRamaphosa ufuna kubenekomiti elizobhekana nenkinga yokungahleleki kokuhlinzeka amanzi iNational Water Crisis Committee. Uqhubekile nokutshala imali yokulungisa ingqalasizinda yamanzi kanti kunemali ewuR43 billion etshalwe ezinhlelweni eziwu-30 komasipala abawu-18 eziphucula ukuhambisa amanzi kubantu.
Uhlelo olugqugquzela ezokuvakasha seluyasebenza njengoba abantu bekwazi ukufaka izicelo zama-visa noma ngabe bakuphi online. Bakwazi ngisho ukugingqa izithupha njengoba ubuchwepheshe bubashutha benze konke okudingeka uma ufaka isicelo. Kukhona ne-visa yabantu abasebenzela emakhaya, eyabasungula amabhizinisi neyezisebenzi ezinamakhono adingekayo.
Komasipala nakhona zijikile izinto njengoba kuthulwe i-Metro Trading Services Reform eqinisekisa ukuthi omasipala bathola usizo lwemali olulingana nomsebenzi abawenzayo. Kusho ukuthi uma besebenza ngokuzimisela ukuhambisa amanzi nogesi kubantu, imali abaxhaswa ngayo izokhuphuka.
Izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abantu bathola i-internet yamahhala ziyaqhubeka njenoba uhulumeni wandise izindawo eziwusizo atholakala kuzona mahhala nezindawo izakhamuzi ezikwazi ukungena kuzona ukuyithola.
Umbiko ophelele, ungangena ku: https://t.co/ucTt2fAaMv

