Azowukhomba umuzi onotshwala amasela antshontsha uphethroli weTransnet
YINTATHELI YOMBELE
APHELILE amahlathi okucasha ezigebengwini ezintshonthsa uphethroli waseTransnet njengoba iTransnet Pipelines (iTPL), engamele ukuhamba kukaphethroli ezweni, iqinisa umkhankaso wayo wokulwa nobugebengu.
I-TPL ikuthakasele ukuboshwa kukaMnu uSam Chavani Maswanyange ongelinye lamasela antshontsha uphethroli emapayipini amakhulu aseTransnet eGauteng, eNorth West naseFree State.
UMaswanganye uboshwe ngomhlaka-30 wangoMashi ecashe eWitbank emva kokuthi iTPL ngaphansi kohlelo lwayo i-Project Impi, isebenzisana namaphoyisa nonogada ilandele umkhondo wakhe.
Umphenyi weDirectorate for Priority Crime Investigation ubophe le ndoda ehambisana nonogada baseTPL nabaseBidvest Protea Coin.
Itholwe nemishini yokweba uphethroli emapayipini, i-generator, i-grinder, i-drill, ama-valve esango, izinsimbi zamapayipi nepayipi elikhipha umoya onamandla. Kuthathwe izimoto zayo ezimbili. Lapho iboshwe khona bekukhona nama-container okubonakala sengathi abenophethroli athathiwe ukuze ayohlolwa.
FUNDA NALAPHA: Kwethulwe abaholi abasha ukubuyisela inqola esipolweni eTransnet
Isikhulu seTPL uMnu uSibongiseni Khathi sithe: “Ukuboshwa kwale ndoda kukhombisa amandla ezinhlaka zomthetho ekulweni nokweba uphethroli. Amasela azihlelayo aphazamisa ingqalasizinda yethu ebalulekile, aphazamise ukusebenza emiphakathini eseduze nathi. Sizogxila ekubopheni la masela, siphazamise umsebenzi wawo futhi siqinisekise ukuthi ayashushiswa.”
UMaswanganye ubingelele imantshi eSasolburg, eFree State, ngomhlaka-1 wale nyanga kanti uzobuyela enkantolo ngomhlaka-9 emva kokuthi icala lihlehlisiwe ukuze kuqhubeke uphenyo futhi anikezwe ithuba lokufaka isicelo sebheyili.
Okwamanje usavalelwe njengoba amaphoyisa eqhubeka nophenyo lokulandela yonke imigulukudu ethinteka kulobu bugebengu.
I-TPL icele umphakathi ukuthi ubike ngokuyimfihlo ngokushayela ku-0800 003 056 uma ubona okusolisayo eduze kwamapayipi ayo.

