Impi eseMiddle East iholele ekutheni imalimboleko ime ku-6,75%
WUBONISWA MOHALE
UKWEHLA nokunyuka kwemalimboleko kuncike ekutheni impi eqhubeka eMiddle East, lapho i-Israel neMelika behlasele i-Iran izophela nini. Loku kucace izolo ngesikhathi umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago ethi imalimboleko isazohlala ku-6,75%.
UKganyago uthe wonke amalungu anquma ngemalimboleko avumelene ukuthi ingashintshi ngenxa yokuthi impi yaseMiddle East ikhuphula amananini kawoyela, awe-gas, akamanyolo futhi iphazamisa ukuthutha izimpahla.
“Yize kusengamasonto ambalwa ale mpi kodwa imiphumela yayo iyabonakala emananini kawoyela. Asazi ukuthi izoqhubeka isikhathi esingakanani ngakho okwamanje imalimboleko ngeke ishintshe. Siyazi ukuthi amandla emali asesikalini sika-3% esisifunayo kodwa kungenzeka anyuke ezinyangeni ezizayo ngenza yale mpi,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: IBange lomBuso liyigcine ku-6,75% imalimboleko
Uthe balindele ukuthi amandla emali anyuke ngo-4% ngenxa yamanani kawoyela azonyuka ngaphezu kwamandla emali abewu-18%. Silindele ukuthi amandla emali ehle abuyekele ku-3% ngonyaka ozayo kodwa loko kuncike ekutheni impi yaseMiddle East iphela nini.
Mayelana nokuthi ngabe iNingizimu Afrika izokwenzenjani ukuvikela izwe ezinkingeni zokuntenga komnotho ngenxa yempi yaseMiddle East, uthe ikhona imali elindele izimo eziphuthumayo futhi yanele.
Usomnotho waseStandard Bank uNks uShireen Darmalingam uthe bebelindele ukuthi iBhange lomBuso ligcine imalimboleko ku-6,75% bese i-prime lending rate, inzalo amabhange aboleka amakhasimende awo ngayo, ihlale ku-10,25% ngenxa yempi yaseMiddle East.
“Silindele ukuthi imalimboleko ingashintshi uma kuwukuthi impi eseMiddle East iyaqhubeka ngoba izonyusa amandla emali. Ngenyanga ezayo kuzobanzima ngoba kunyuka amanani kagesi, akaphethroli nakadizili futhi kuphazamisekile ukuhambisa izimpahla phesheya.
“Loku kuzokhuphula amanani ezimpahla ezweni kuphazamise nokukhula komnotho. Uma kwenzeka ixazululeka ngokushesha impi yaseMiddle East kungenzeka ukuthi kubenezingxoxo ezihlukile ngemalimboleko,” kusho yena.
Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe bekulindelekile ukuthi imalimboleko ingashintshi futhi ngeke baligxeke iBhange lomBuso ngalesi sinqumo ngenxa yokuthi impi eqalwe wumengameli waseMelika uMnu uDonald Trump nondunankulu wase-Israel uMnu uBenjamin Netanyahu ikhuphule amanani kawoyela ongahluziwe abangaphezulu kwango$100 (uR1 706) umphongolo.
Uthe ngoLwesithathu oluzayo ulindele ukuthi ilitha likaphethroli nelikadilizi linyuke ngaphezu kwangoR5 ngenxa yomphumela omubi emnothweni nasemananini ezimpahla.
UDumisa uthe kunophethroli nodizili okwanele ezweni kanti nomNyango wokuMbiwayo namaNdla ukuqinisekisile loku.

