Ukhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uthi lolu hlaka oluqoqa intela ngeke luzincenge izisebenzi zikahulumeni ezigwazelwayo. Isithombe: Sithunyelwe

Umqoqintela uqinisa izinhlelo zokuqeda inkohlakalo eminyangweni kahulumeni

YINTATHELI YOMBELE

I-SOUTH African Revenue Service (iSars) imemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zokuqeda inkohlakalo nohwebo olungekho emthethweni. Kuloku iSars ithi ngeke igxile kuphela ezinkampanini nakubantu nje kodwa izongena naseminyangweni kahulumeni.

Ukhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter uthi bebephenya izinsolo zokuthi kunezisebenzi ezihlola izimpahla ezisuke zingena ezweni ezisebenzisana nemboni ehambisa izimpahla eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ebezingazihlolisisi ukuze zizogwazelwa.

“Sizimisele ukuqeda lonke uhlobo lokukhwabanisa, inkohlakalo, umbimbi nobunye ubugebengu obenza abantu bangakhokhi intela efanele. Sifuna ukuqeda uhwebo olungekho semthethweni futhi sizobheka kakhulu eminyangweni kahulumeni ngoba sithole ukuthi ukugwaza kusincisha intela ewuR45 million engabe ingena esikhwameni sezwe. Abathintekayo yizisebenzi eziyisithupha, abakhokhintela nabahwebi abasebenzisanayo ukusikhohlisa,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/18/iningizimu-afrika-ilahlekelwa-wur3-6-billion-ngenxa-yodizili-owumkokotelo-isars/

U-Kieswetter uthi benza konke okusemandleni ukuvikela umnotho, isikhwama sezwe nemingcele ngokuqinisekisa ukuthi umthetho uyasebenza.  Uthe: “Abakhetha ukungawulandeli umthetho noma ngabe balapha eSars noma ngaphandle kufanele bazi ukuthi benza icala futhi bazojeza ngaloku.”

Ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zokuqeda inkohlakalo zithela izithelo ezinhle, iSars izosebenzisana nezinhlaka zomthetho okungamaphoyisa noPhiko lokuShushisa.

“Sithembele kwizisebenzi zeSars ukuqoqa intela nokuvikela ukuhweba okusemthethweni. Ukuqoqa intela kusiza ukuvikela abantu abaswele abathola izinsiza zikahulumeni. Umsebenzi womqoqintela udinga ukwenziwa ngobuqotho. Uma kukhona abaphambana nomthetho kwenza umphakathi ungasithembi, kulimaza abakhokhintela abathembekile nabahwebi futhi kufana nokuntshontshela abantu abaswele,” kusho uKeiswetter.

Uthe bonke ubugebengu obuthinta intela bazobuphenya futhi baqinisekise ukuthi abathintekayo bajeza kanzima kungakhathaleki ukuthi yizisebenzi zeSars.

Unxusse umphakathi nezinye izinhlaka ezithintekayo ukuthi zibike izigameko zokugwaza, ukukhwabanisa nobunye ubugebengu obenzeka emingceleni okungena kuyo izimpahla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page