Imeya kaMasipala waseTshwane uNksz uNasiphi Moyo esemkhankasweni wokushintsha isimo sokuphatha izimali kulo masipala othole umbiko womcwaningimabhuku-jikelele ongemuhle. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseTshwane umose uR1.4 billion – umcwaningimabhuku-jikelele

YINTATHELI YOMBELE 

PHEZU kwemizamo emihle yemeya kaMasipala waseTshwane uNksz uNasiphi Moyo yokuletha uguquko oluhle kulo masipala kodwa kulo nyaka wezimali umasipala uthole umbiko womcwaningimabhuku-jikelele omubi okhombisa ukuthi imali iyamoseka. 

Phakathi kwabagxeka lo masipala ngokuthola umbiko omubi wezimali wuNkk uJacqui Uys weDA, othe imali emosiwe iwuR1.4 billion.

“Asineme ngokuthi indaba yokumoseka kwemali eTshwane ikhulunyelwa phansi. Umasipala uthole umbiko omubi kumcwaningimabhuku-jikelele. Uthole ukuthi kumoseke uR1.4bn ngenxa yokungaqini kwezinhlelo esengamele ukusebenza kwemali. Enye imali emoshekayo kumasipala ngenxa yabantu abeba amanzi iwu-1.7bn kwathi ngokwebiwa kukagesi kwalahleka uR1.8 bn.

“Umasipala unesikweletu esiwuR4.3bn. Sithole nokuthi izikweletu zamakhasimende akade engakhokhi zisuliwe, okusho ukuthi kulahleke uR20.8bn obuzongena esikhwameni sikamasipala,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/06/23/umcwaningimabhuku-jikelele-uthi-bazozinuka-amakhwapha-njengoba-izinto-zidlebeleka-komasipala-uslindile-khanyile-uyabika/

Esitatimendeni, iphini lemeya yaseTshwane uMnu u-Eugene Modise lithe lo mbiko bazowubhunga esigungwini esilawula umasipala ngaphambi komhlaka-30 wangoJanuwari ngonyaka ozayo. 

“Yize sithole umbiko ongemuhle kumcwaningimabhuku-jikelele kodwa okucacile wukuthi ukhona umehluko owenzekile kulo masipala. Ngonyaka wezimali wango-2021/22 umbiko wezimali womcwaningomabhuku-jikelele wathola ukuthi isimo sibi kakhulu waphakamisa nezizathu eziwu-13 okufanele zilunge, kwathi ngowango-2023/24 wabamubi nezizathu eziyisithupha kodwa manje mubi nezizathu ezimbili kuphela okufanele sizilungise,” kusho yena

Uthe bewuhulumeni wobambiswano bafice kunezinkinga kodwa imizamo yabo isibuyisela isimo kwesijwayelekile. 

“Osekwenzekile kukhombisa ukuthi imizamo yethu yokulungisa isimo ithela izithelo ezinhle. Izinkampani zikamasipala zenza kahle njengoba iHousing Company Tshwane ithole umbiko omuhle, neTshwane Economic Development Agency ithole umbiko omuhle. Sizokulungisa akhala ngako umcwaningimabhuku-jikelele,” kusho uModise.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page