Izimantshi zibhikishele amalungelo azo
WULANGA KHANYILE
AZINAMIHLOMULO enjengemphesheni, eyokukhokhela imizi, izindleko zezempilo, izimoto futhi imiholo yazo ayisondeli nakusondela emiholweni yamajaji. Ngaphezu kwaloku sekuneminyaka uhulumeni uhudula izinyawo ekwenzeni izinguquko ezaphakanyiswa yimibiko ehlukene yaminyaka yonke.
Zisho kanje izimantshi zaseThekwini ngenkathi zibhikisha ngesikhathi sekhefu ngaphandle kweDurban Magistrates’ Court izolo.
Kulo mbhikisho obuhlelwe yiJudicial Officers’ Association of South Africa, izimantshi zithe sezenze konke okusemandleni ngisho ukufaka icala ngenxa yezimo zokusebenza ezingenalo iqiniso kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Phakathi kwezinto izimantshi ebezikhala ngazo zithe kungani izincomo zeMajor Review Report zingalandelwa, futhi azikho ngaphansi kwesikhwama sempesheni sikahulumeni iGovernment Pension Employees’ Fund nokuthi zimangele ukuthi kungani kuze kubemanje ingaqalile ukusebenza i-cost of living adjustment.
Imantshi uMnu uS’celo Zuma ithe: “Kunodaba oludala olungakalungiswa oluthinta imiholo yethu. Minyaka yonke, kubanemibiko ekhishwayo, kwenziwe izincomo eziya kumengameli (wezwe) ne(Judicial Service) Commission.”
Uthe: “Okunye esikhala ngokuthi kulungiswe yindaba yokuthi kubenohlaka olulodwa lomthetho, ngoba kubukeka sengathi izimantshi zingaphandle kohlaka lomthetho. Sibukeka siwuhlaka oluseceleni kolomthetho kepha umthethosisekelo uthi kufanele kubenohlala olulodwa lomthetho.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/22/andizela-phansi-amabhanoyi-eflysafair-kuteleka-abashayeli/
Izimantshi zithe ngemva kombhikisho wayizolo uma izikhalo zazo zingezwakali, zizophoqeka ukuthi zibhikishe ngendlela ezophazamisa ukusebenza kwezinkantolo. “Sihlela ukwenza eminye imibhikisho enjena ezweni lonke kuze kube iziphathimandle ziyalulungisa lolu daba ngoba lubucayi. Ngeshwa luyinto esingeke siyiyeke. Kufanele lulungiswe,” kuphetha uZuma.

