Akusithusi ukugxekwa ngophenyo lwe-Eskom kodwa asipheli amandla, kuloba uBusi Mavuso

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenzela ukuqinisekisa ukuthi kunendawo efanele okusebenza kuyo osmabhizinisi. Loku kubalulekile ukuze kukhule umnotho, kutshalwe imali kube khona nemisebenzi.

Ayikho into enkulu kuleyo mizamo njengamanje ukudlula i-Eskom. Ukushoda kukagesi kuphazamise amabhizinisi ethu amaningi, kuxoshe abatshalimali futhi kucekele phansi imisebenzi.

Kuphazamise amabhizinisi amakhulu namancane futhi kuphazamise impilo yabantu baseNingizimu Afrika.
Cishe inselelo enkulu elandelayo wukusebenza komthetho.

Ubugebengu obuhleliwe buyinkinga enkulu kosomabhizinisi abaphazanyiswa abafuna ukubagwazisa, ukuphazamisa umsebenzi, okwengeza ebugebengwini obuvele bukhona ezweni lethu.

Yingakho kwathi uma iBLSA icelwa owayeyisikhulu se-Eskom uMnu u-André de Ruyter ngo-2021 ukuthi ikhokhele ukuthi kubhekwe izingozi ezikhona kule nkampani ngenxa yobugebengu, sasibhekisisa lesi sicelo. NgokukaDe Ruyter, inkohlakalo nobugebengu obuhleliwe bekunesandla esikhulu ezinkingeni ezihlupha i-Eskom.

Le nkanankana ibidinga abantu abanamakhono nezinsizakusebenza zokuphenya abangaphandle kwale nkampani kanti yinto i-Eskom ebingeke ikwazi ukuyenza kanti abezobulungisa namaphoyisa nabo bebengakwenzi ngendlela.
Ngazi kahle kamhlophe ukuth iBLSA kufanele inake izidingo zamalungu ayo. Yiwona aseka umsebenzi wethu ngemali.

Kufanele izinsiszakusebenza zethu sizisebenzise ngendlela eyenza sivune. Mina nabalingani bami sikholwa wukuthi singakwenza loko ngokusiza ukuqeda inkinga kagesi nangokuseka izinhlaka zomthetho, yingakho lezi zinto zombili ziseqhulwini eqhingeni esililandelayo.

Isicelo sikaDe Ruyter sasihambisana nazo zombili lezi zinto eziseqhulwini. Wakucacisa ukuthi ubugebengu obuhleliwe nokuphazamisa umsebenzi yizona zinto ezinkulu ezihlupha i-Eskom kanjalo nenkinga yemali nokunye okuthinta indlela okusetshenzwa ngayo.

Singabanye babantu abahamba phambili ekwesekeni ikomidi
eliseHhovisi kaMengameli elibheka inkinga kagesi iNational Electricity Crisis Committee (iNecom) njengoba inkulu imali esiyifakile esikhwameni esiwuR100m, iResource Mobilisation Fund esizokhokhela amakhono adingwa yileli komidi ukuze lisebenze iqhinga eliqhamuke nalo lokulungisa inkinga kagesi.

Sifake nesandla ngohlelo iTamdev ukweseka i-Operation Vulindlela ukuze ilandele umgomo osekuvunyelenwe ngawo ukuxazulula inkinga kagesi futhi kunabantu abanamakhono esilekelela ngabo omasipala nezinye izinhlaka ukuze bakwazi ukunakekela nokulungisa ingqalasizinda.

Sizikhandlile silwisana nezinselelo eziphula umthetho ezikhona ezweni. Emva kokushicilelwa kombiko kaZondo ngokugwamanda amandla ombuso, saxoxa noPhiko lokuShushisa ezweni lonke iNPA ukuzwa ukuthi singalweseka kanjani ukuze libe nabantu abenele abazosukumela iziphakamiso zekhomishini.

Loku kwaholela esivumelwaneni phakathi kweBLSA neNPA, sixhase lolu phiko ukuthi luthole abantu olubadingayo kodwa loku sikwenze ngaphandle kokuphazamisa indlela olusebenza ngayo ngoba kufanele luqhubeke nokuzimela endleleni oluphenya nolushushisa ngayo.

Uphiko lwethu iBusiness Against Crime lweseka amaphoyisa ngezinsizakusebenza ezihlukene, kungaba ngomkhankaso i-Eyes and Ears oqinisekisa ukuthi amabhizinisi okufaka nezinkampani zonogada ezizimele ziqoqa ulwazi eziludlulisela emaphoyiseni futhi lweseka nomsebenzi wamaphoyisa ngezinsizakusebenza. Ngale mizamo seseka umsebenzi walezi zinhlaka ukuze zikwazi ukufeza umsebenzi wazo.

Isicelo sikaDe Ruyter sasihambisana nalezi zinhlelo, ngakho sasivuma. Njengakwezinye izinhlelo, senza konke ukuthi singangeni sigamanxe. Sasikholwa wukuthi izinsizakusebenza ziyadingeka ukuze uDe Ruyter akwazi ukwenza umsebenzi wakhe wokuphucula indlela okutholakala ugesi ngayo.

Uma sibheka futhi ukuthi kwakuzosiza ukulwa nobugebengu obuhleliwe, sasikholwa wukuthi yindlela enhle yokusebenzisa izinsizakusebenza zethu.

Ngabe ngiyafisa ukuthi ngabe imiphumela yaba ngcono? Yebo, yayingaba ngcono? Wumsebenzi obungaholela ekutheni kushushiswe amaqembu ezigebengu futhi kusize i-Eskom ilungise inkinga ephazamisa ukusebenza kwayo. Kepha akubanga yize leze.

Ngomhla ka-25 kuJanuwari, kukhona ababoshwa ngecala lokucekela phansi umsebenzi, ukuntshontsha nokukhwabanisa e-Eskom kanti baningi nabanye ababoshwa ngonyaka odlule.
Loku kwesekwe wulwazi lobunhloli olwaqoqwa ngesikhathi kuphenywa, okwakwenganyelwe wuDe Ruyter uma sizwa, okukhona kukho nolwaluxhaswe yiBLSA.

Ngokuqhubeka kwesikhathi, kuningi okungazuzwa ngokungenelela kwethu.

Loku kuyingozi enkulu kubantu abahlomulayo ngalezi zenzo. Laba ngabantu abafuna ukuloku betapile e-Eskom nakwezinye izindawo.

Uma ngibona abantu bekhuluma ngokuthi i-Eskom kufanele yeseke izindlela ezithile zokuphehla ugesi baze baphikisane nomgomo kahulumeni, kufanele sizibuze ukuthi bakhulunyiswa yini futhi bakhulumela bani.

Nokugxeka uDe Ruyter nophenyo, ingxenye yalo eyakhokhelwa yiBLSA, kufanele sizibuze wubani ohlomulayo? Kunabantu abakhulu abanezinhloso zokugwema ijele abafuna ukuqhubeka bazenzele umathanda ngezinsizakusebenza zase-Eskom abazozisholo abakuthandayo ukufeza izinhloso zabo.

Lezi zinhloso zabo zilwa nokuthi kushintshelwe kugesi ovuselelwayo, yize lowo gesi kuyiwona ofanele ngoba yiyona ndlela esheshayo neshibhile yokulungisa inkinga kagesi esinayo kodwa abangeke bakwazi ukuzitapela kuyona, benze inkohlakalo futhi bagwazise i-Eskom.

Sicela niqhubeke nokusinika imibono yenu, ngihlale ngikhona ukuxoxa ngezinqumo ezithinta i-Eskom nezinye enikholwa ukuthi zingasiza ukuphucula indawo osomabhizinisi abasebenzela kuyona.

Loku asikwenzeli osmabhizinisi bodwa kodwa umphakathini wonkana. Ngeke siwuyeke umsebenzi wethu wokwenza okusemandleni ukuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyona nezimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

UNks uMavuso yisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page