Izinyunyana zigxeka abafuna ukuvala iSouth African Post Office
WUBONISWA MOHALE
USAMANGELE ungqongqoshe womNyango wokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi emva kokuthi abajube ukuhlenga iSouth African Post Office (iSapo) bemtshele ukuthi bahlela ukuyivala.
UMalatsi akathandanga ukukhuluma kakhulu ngalolu daba kodwa uthe ngoLwesihlanu uthole incwadi kubahlengi beSapo ebimazisa ngezinhlelo zabo zokuyivala.
“Angibazi bajaheni abakhuluma ngezinhlelo zokuvala iSapo ngoba kunezingxoxo ezinzulu phakathi komnyango wami nomGcinimafa ngodaba lwale nkampani. Izingxoxo zigxile ekutholeni umhlahlandlela ngesimo seSapo nekusasa lezisebenzi nokuthi sizoyisebenzisa kanjani imali encane ekhona ukufeza izidingo zezwe,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/12/lisabangwa-nezibi-iposi-yize-abahlengi-bekhokhelwe-ur86m/
Imifelandawonye yezinyunyana okuyiCongress of South African Trade Unions neSouth African Federation of Trade Unions (iSaftu) zisole abangamele ukuhlenga iSapo ngokudla imali kahulumeni kodwa bengenazo izinhlelo zokuyihlenga.
Umkhulumeni weCosatu ezindabeni zasePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe kufanele babenamahloni abangamele ukuhlenga iSapo ngoba kusukela ngo-2023 alukho uguquko oluhle abululethile ngaphandle kokudiliza izisebenzi, ukuvala amagatsha eposi nokungakhokhi imali yempesheni yezisebenzi neye-medical aid.
Uthe abahambisani nokuvala kweSapo ngoba amaposi asondeza izidingo emiphakathi yasemakhaya futhi uma livala ziningi izisebenzi ezizohlupheka.
Unobhala-jikelele weSaftu uMnu uZwelinzima Vavi uthe kufanele uhulumeni uzihlole ngesimo sePosi ngoba yiwona olibeke kusona. Ubalule ukuthi belinika ezinye izinkampani umsebenzi okufanele wenziwe yilona, njengokuhambisa amaphasela, ukuthelela izimoto, ukulisebenzisa ukulanda imishanguzo yezifo ezingamahlalakhona esilandwa emakhemisi azimele.
“Asihambisani nokuvala iSapo ngoba izisebenzi eziwu-5 700 ezisele kusho ukuthi zizolamba. Kugcwele kakhulu abesifazane asebekhulile. Ukuphela kwemisebenzi eminingi kanjena kuzolambisa abantu abawu-85 000 abondliwa yilezi zisebenzi. Kusele amagatsha eposi awu657 asiza imiphakathi yasemakhaya. Lingavuka iposi uma lingabayibhange, indawo yokuhola izibonelelo zikahulumeni, ukuthela, ukwenza omazisi, ukuhambisa amaphasela nezinye izinsiza esezinikezwe izinkampani ezizimele,” kusho yena.
UVavi uphethe ngokuthi uhulumeni kufanele uvikele imisebenzi yabantu, hhayi ukuthi ubahluphekise ngokubadiliza.

