UMnu uSam Ngumeni uthatha izintambo zokubayisikhulu esiphezulu saseWoolworths. Isithombe: Sithunyelwe

Zikhwele kuNgumeni, ‘umfana omdala’ eWoolworths 

YINTATHELI YOMBELE 

NGEMVA kokuthi isikhulu esiphezulu eWoolworths uMnu uRoy Bagattini sithatha umhlalaphansi, lesi sitolo sizovala isikhala sakhe ngoMnu uSam Ngumeni.

UNgumeni uzoqala ngokusemthethweni ngomhlaka-1 wangoJuni kodwa uBagattini uzohlala kuze kubewuSepthemba ukuqinisekisa ukuthi udlulisela izintambo kahle kuNgumeni.

Umbiko wezimali waseWoolworths ukhombisa ukuthi amasheya ale nkampani anyuke afinyelela kuR167.4c emasontweni okuhweba aphela ngoDisemba 28 wonyaka odlule. Imali ingene kakhulu ophikweni lwayo lokudayisa izimpahla noludayisa ukudla.

FUNDA NALAPHA: IBHODI yakwaWoolworths isiqoke uNksz uPhumzile Langeni abe wumqondisi wayo omusha. Uzoqala kulesi sikhundla ngo-Ephreli wonyaka ozayo. Uzoba semakomidini eRisk and Compliance nelokuCwaninga amaBhuku.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, iWoolworths ithe uNgumeni uwufanele lo msebenzi ngoba usebenzele lesi sitolo iminyaka ecela kwewu-30 eloku enyuka. NgoJulayi wango-2024 ubephethe isikhundla sesikhulu seWoolworths Food, uphiko oluqhubeka nokungenisa imali. 

Ngaphambi kwaloko ebeyi-chief operating officer, engamele umsebenzi owenzeka ezitolo ezihlukene zaseWoolworths eNingizimu Afrika, kwamanye amazwe ase-Afrika nase-Australia. Ubengagcini ngokubheka ukusebenza kwezitolo kodwa ubengamele nohwebo oludayisa izimpahla ngobuchwepheshe i- e-commerce.

Usihlalo webhodi yaseWoolworths uMnu uClive Thomson uthe njengoba uNgumeni esesebenze isikhathi eside futhi ebewumholi kule nkampani usesilungele isigaba esilandelayo. 

“UNgumeni usephathe izikhundla ezihlukene kule nkampani futhi unamasu asilethela impumelelo. Uwumuntu oliqonda kabanzi leli bhizinisi, uyalwazi uhwebo, unomlando wokuletha imiphumela emihle njengoba kushintsha ukuhweba kwezitolo,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page