Isikweletu sikahulumeni sizokwehla ngoR12.4 billion ngo-2025/26
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
EMVA kweminyaka ewu-18 isikweletu sikahulumeni siloku sikhula, kubukeka sengathi isiyanqotshwa le mpi njengoba kuzophela unyaka wezimali u-2025/26 singaphansi ngoR12.4 billion kunokwakubikizelwe kwiSabelomali sangonyaka odlule.
Akugcini lapho kodwa iSabelomali esithulwe izolo eCape Town, eNtshonalanga Kapa, siveze ukuthi nezindleko zesikweletu seziqala ukuncipha nemali ezobolekwa wuhulumeni. Uhulumeni wawuthembise ukuthi emva kokunyuka kakhulu ngonyaka wezimali ozophela ngenyanga ezayo, ubheke ukuthi isikweletu siqale sehle.
UmGcinimafa uthe: “Isikweletu sikahulumeni sikhuphuke sisuka ngaphansi kwango-25% womthamo womnotho ngo-2008/09 safinyelela ku-77% ngo-2024/25. Izindleko zesikweletu ngaleso sikhathi zinyuke zisuka ku-9 cents wentela zafinyelela ku-21 cents, okungaphezu kakhulu kweminye iminotho engontanga beNingizimu Afrika nokunciphise imali engayisebenzisa ezinhlelweni zikahulumeni nengqalasizinda.”
Okwamanje isikweletu sikahulumeni sizokhuphuka sisuke kuR6.12 trillion ngo-2025/26 sifinyelele kuR6.94trn ngo-2028/29 kanti ngokomthamo womnotho sizosuka ku-78.9% sehlele ku-76.5%. Ngonyaka wezimali omusha ozoqala ngo-Ephreli, uhulumeni uzoboleka njengoba uzoboleka uR380bn kanti izindleko zesikweletu zizobawuR432.4bn.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/25/uhulumeni-ukitaze-izakhamuzi-ngentela-nokulungisa-omasipala-kwisabelomali/
Umqondisi-jikelele emnyangweni wezimali uDkt uDuncan Pieterse uthe yize besazoboleka imali enkulu kodwa konke abebekuhlelile ngokuqala banciphise isikweletu kusahamba kahle.
“Esasikushilo wukuthi isikweletu uma siqhathaniswa nomthamo womnotho, sizoqala sehle kanti kuyenzeka loko. Nokho kuthe uma iphucuka indlela iNingizimu Afrika ekleliswe ngayo futhi kwehla imalimboleko, sabona ithuba lokukusebenzisa loko ngokuboleka imali isimo sisivuna ngoba vele imali sizohlale siyidinga,” kusho yena.
Ngale kokonyuka kwesikweletu, ezinye izinto ezibonakala zibanemiphumela emihle emnothweni yizinguquko emnothweni ngokohlelo lwe-Operation Vulindlela.

