Uhulumeni ukitaze izakhamuzi ngentela nokulungisa omasipala kwiSabelomali
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
UHULUMENI ngeke usanyusa intela ngoR20 billion njengoba wawubikezelelile ngonyaka odlule. Yize umNyango weziMali uthi lezi ngezinye zezindlela zokuphungulela abakhokhintela umthwalo kodwa kubukeka kungeminye yemizamo yokujabulisa izakhamizi kwazise lona wunyaka wokhetho lohulumemi bomasipala.
Lesi ngesinye sezimemezelo eziqhamuke kwiSabelomali sango-2026/27 esithulwe ePhalamende eCape Town, eNtsonalanga Kapa, namhlanje. Ngale kokukitaza izakhamizi ngentela, uhulumeni ubalule nemizamo yokulungisa omasipala.
KwiSabelomali sangonyaka odlule, uhulumeni waxwayisa ngokuthi uzonyusa intela ukuze kungeniswe uR20bn. Enaba ngesinqumo zokungaqhubeki nokunyusa intela, umGcinimafa uthe izinkomba emnothweni zitshengisa ukuthi izinto zihamba ngendlela obekuhlelwe ngayo.
UmGcinimafa uthe: “Inhloso yezinguquko emgomweni wentela wukuthi uhulumeni ubenemali eyanele ukumelana nezindleko zikahulumeni kodwa ungaklinyi abakhokhintela. ISabelomali sango-2025 nesaphakathi nonyaka wezimali sasifake ukunyusa intela ngoR20bn kwiSabelomali sango-2026, okwakuzobuyekezwa uma (umqoqiwentela) iSouth African Revenue Service (iSars) ikwazi ukungenisa omunye uR20bn uma uqoqa isikweletu.
“Akubukeki iSars izokwazi ukukwenza loku. Nokho ngenxa yezinye izinkomba ngesimo sezimali nemiphumela emibi engase ibekhona emnothweni ngenxa yokunyusa intela, uhulumeni ususihoxisile lesi siphakamiso.”
Ungqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe izinga lokonga nokutshala imali liphansi ukuthi kwakheke umnotho ozohlomulisa izizukulwane futhi kuseke ukutshala imali emnothweni.
“Ukugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bonge, siphakamisa ukuthi imali ongayitshala ngonyaka kodwa ungakhokhiswa intela ngayo inyuke isuke kuR36 000 iye kuR46 000. Imali yomhlalaphansi ongayithatha kweyempesheni inyuke isuke kuR350 000 iye kuR430 000,” kusho yena.
Ngonyaka odlule kwaba nesiphithiphithi ngokuthula iSabelomali ngenxa yesiphakamiso sokunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax ( i-VAT) ngo-2 percentage points, okwagcina kungenzekanga emva kokuhlehlisa ukuthula iSabelomali kabili.
Imali okulindeleke ukuthi ingeniswe yintela ngo-2025/26 isingaphezulu ngoR21.3bn nokho eminyakeni yezimali emithathu ezayo izokwehla ngoR57.2bn kunokwakushiwo kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngonyaka odlule ngenxa yokuhoxiswa kwesiphakamiso sokunyusa intela.
I-Sars bekulindeleke ukuthi iqoqe phakathi kukaR20bn noR50bn wemali ethe xaxa wemali okweletwa yona ngokuthi iqoqe uR120bn isuka kuR95bn ngo-2025/26 njengoba yabelwe uR7bn iminyaka emithathu okwandisa isibalo sabantu abayiqoqela izikweletu.
Isiyonke imali ekweletwa iSars ibimi kuR646bn ngoJanuwari kanti uR518.2bn waleyo mali akekho obewuphikisile. I-Sars ibisaqoqe uR79.4bn, nokungaphansi ngoR15bn webiklanyiwe. Imali osekubhekwe ukuthi ingene ngo-2025/26 wuR1.98 trillion esikhundleni sangoR1.95trn.
Isihlangene imali uhulumeni olindele ukuyingenisa ngo-2026/27 inguR2.3trn. Okunye uhulumeni okwenzile okuthinta intela yezakhamizi ngqo wukubuyekeza imali ebuyela abantu ukuhambisana nokwehla kwamandla emali okulindeleke ukuthi kube wu-3.4%. Imali ebuyiselwa abantu abanomshwalense wezempilo izonyuka isuka kuR364 iye kuR376 kumalungu samabili okuqala bese kwamanye isuke kuR246 iye kuR254.
Mayelana nemizamo yokuguqula izinto komasipala, lo mnyango uthe sekuphele iminyaka eyishumi ihlazo lokubheda kwezinto komasipala lifihlwe wukuthi imali iqhamuka ezinhlakeni zikahulumeni ezihlukene njengoba zifukulana.
“Njengoba u-63% womasipala (abawu-162) udonsa kanzima ngezimali ngo-2023/24 futhi nezifundazwe zihluleka ukubhalansisa imali yemiholo neyezidingo zomphakathi, sesiphelile isikhathi saloku. Uhulumeni ezweni lonke usuzoyeka ukwengamela kuphela kodwa usuzongenelela ngqo.
“Ezingeni lomasipala kuzobanoshintsho emthethweni, indlela okuphathwa ngayo nezinye izindlela zokushintsha ezithinta ubuchwepheshe. Ezifundazweni, uhulumeni uqinisa isandla ekugadeni isibalo sabantu abaqashwayo nemali esetshenziswayo ukukhokhela imiholo. Lapha kubalwa ukuhlanganisa imisebenzi kahulumeni efana neyakwandabazabantu, izindlela ezisetshenziswayo ukuholela izisebenzi, ukuqinisekisa abantu abaqashiwe nokuthi ngabagcinimafa bezifundazwe namahhovisi ondunankulu okuzodingeka baphasise ukuqashwa kwabantu ukuze kuhambisane nezinhlelo zokuqasha kanjalo nemali ehlinzekelwe lokhu,” kusho umGcinimafa.
Abanye bomasipala izinto ezimapeketwane kubona ngowaseGoli, eGauteng kanti uGodongwana uthe nakanjani bazongenelela kuwona futhi izingxoxo phakathi kwabo nalo masipala seziqalile.
“Uyinkinga umaasipala waseGoli futhi uhulumeni ezweni lonke kufanele uye khona. Into edingekayo wukuthi akufanele siye khona kungathi singabangani, kufanele kucace ukuthi silandela muphi umthetho uma senza loku,” kusho ungqongqoshe.
Khonamanjalo uGodongwana ubonge uKhomishana weSars oseshiya kulesi sikhundla uMnu u-Edward Kieswetter. Uthe ukuqonda kahle igalelo likaKieswetter kufanele kukhunjulwe ukuthi isimo sasinjani kulesi sikhungo ngesikhathi ethatha izintambo.

“Siyabonga kakhulu umsebenzi awenzile ukuvuselela iSars emva kokugwamandwa kwamandla ombuso. Silindele ukuthi umengameli amemezele ukhomishana omusha ngo-Ephreli,” kusho uGodongwana.

