Osomabhizinisi abancane bazohlomula ngosizo lwentela
SLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
EMIZAMWENI yokusiza amabhizinisi amancane, umNyango weziMali umemezele izinhlelo ezithinta intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax (i-VAT) okuthenjwa ukuthi kuzonciphisa ijoka kula mabhizinisi.
KwiSabelomali sango-2026/27 esithulwe eCape Town, eNtshonalanga Kapa, izolo, ungqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe isizokhuphuka imali okufanele inkampani iyingenise ngonyaka ngaphambi kokuphoqeleka ukuthi ibhalisele ukukhokha i-VAT.
Uthe lesi ngesinye seziphakamiso esenziwe ngomunye wabakhokhintela njengoba kuyaye kukhuthazwe abantu ukuthi mathumele amathiphu kungqongqoshe.
UGodongwana uthe: “Amabhizinisi asezophoqeleka ukuthi abhalisele i-VAT uma kuwukuthi angenisa uR2.3 million isuka kuR1m ngonyaka. Eminye imizamo esiyenzayo wukusiza amabhizinisi amancane, sinyusa imali engeke ikhokhiswe intela ngemihlomulo (i-capital gains tax) uma umuntu okhulile edayise ibhizinisi elincane isuka kuR1.8m iye kuR2.7m. Yinto ezokwenzeka emabhizinisini angaphezu angabiza uR15m esikhundleni sangabiza uR10m njengakuqala. Loku kuzophungulela amabhizinisi amancane umthwalo wentela uma edayisa amabhizinisi abo.”
Umnyango uthe inkampani evolontiya ukuzibhalisela i-VAT yize Ingakangenisi imali esifinyelele kWebekiwe isizoba WuR120 000, isuka kuR50 000. Lezi zinguquko ezazigcine ukwenzeka ngo-2009 zizoqala ngo-Ephreli.
UGodongwana umemezele nezinguquko kwintela eqondene nomuntu siqu sakhe njengoba ethe kunesiphakamiso sokunyusa imali umuntu ayitshalile engakhokhiswa intela isuke kuR36 000 iye kuR46 000 ngonyaka kanti ebekelwa umhlalaphansi kodwa ingakhokhiswa intela ingasuka kuR350 000 iye kuR430 000 ngonyaka.

