Amabhizinisi amancane, adala imisebenzi emalokishini nasemakhaya, ayawa ngenxa yokungatholi usizo aludingayo. Isithombe: yi-iStock

Kuvale amabhizinisi angaphezu kwa-1 500 ngonyaka odlule – iStats SA

WU-AFHULUFHEDZEAHO OLGA MULAUDZI

AMABHIZINISI amancane naphakathi nendawo aseNingizimu Afrika athwele kanzima ngenxa yokwanda kwezinselelo zomnotho. Amabhizinisi amancane adala imisebenzi engaphezu kuka-60% emkhakheni wamabhizinisi azimele eNingizimu Afrika. Ngakho ukuvala kwebhizinisi akuthinti lona kuphela kepha futhi nemindeni, izisebenzi nemiphakathi.

I-Statistics South Africa (iStats SA) ibika ukuthi kuvalwe amabhizinisi awu-1 534 ngonyaka odlule, kanti awu-100 avale ngoDisemba, okunyuke ngo-11% ngesikhathi esifanayo ngo-2024.

Loku kukhombisa ukuthi abanikazi bamabhizinisi amancane sebenele ngenxa yezindleko ezandayo, ukwehla kwesidingo sawo nezinselelo zakhona zokusebenza. Kumabhizinisi avala ngonyaka odlule cishe awu-87% azivalele wona. Kuvame ukuthi ibhizinisi lizivalele ngokushintsha isimo sama-shift kodwa kwesinye isikhathi kubengezinye izizathu zokuhweba.

Khonamanjalo awu-193 aphoqwe ukuvala ngo-2025, okunyuke ngo-5.5% uma kuqhathaniswa nangonyaka owendulelayo. Esimwemi esinje kusuke kuyinkantolo ekhiphe umyalelo wokuthi inkampani ivale ngenxa yokuthi ihluleka wukukhokhela izindleko zayo, okukhombisa izinkinga ezijulile.

Eminye imikhakha ithwele kanzima ngaphezu kweminye. Ngonyaka odlule, imikhakha ethinteke kakhulu kubengowezimali, owomshwalense nowezakhiwo, ilandelwe ohwebo, owokudla nowezindawo zokulala

La maqoqo amabili ehlangene abenamabhizinisi awu-801 avalayo ngonyaka odlule. Le mikhakha ivame ukuthembela kwingqalasizinda, amakhasimende asebenzisa imali nokutholakala kwezinto, konke okubenenselelo ngenxa yemali efakwa emsebenzini, ezokuthutha nokwehla kwesidingo kumakhasimende.

Olunye ulwazi ngezinselelo zamabhizinisi amancane luvele kwi-Small Business Growth Index (iSBGI), ecwaninge amabhizinisi awu-1 600 ezweni lonke.

Inhloko yocwaningo lomnotho eBureau of Market Research uSolwazi uPaul Kibuuka ithe: “I-score seSBGI esiwu-51.08 sikhombisa ukuthi amabhizinisi amancane asendaweni ebucayi. Lilodwa kwamane elikhombisa ukukhula. Angaphezu kukahhafu ayancipha, abhekene nezinkinga noma asengcupheni yokuvala. Ukunyuka kwezindleko zokuthutha, ezokusebenza nezimpahla zomkhiqizo kuwaphoqa ukuthi anyuse amanani kodwa amaningi agcina ewile.”

Amabhizinisi angaphezu kukahhafu okukhulunywe nawo athe kungenzeka kuphele unyaka esasebenza uma engalutholi usizo. Ongoti bathi adinga imali yomsebenzi, ukufinyelela kangcono ezimakethe nezinhlelo zikahulumeni eziqondene nawo ezingawasiza uma ethwele kanzima.

Isikhulu esiphezulu seSouth African Chamber of Commerce and Industry uMnu u-Alan Mukoki sithi: “Amabhizinisi amancane athwele kanzima ngokwezimali kodwa ayafuna ukutshala.

“Abantu abashaya imithetho kufanele basize ngokushesha, baqhamuke nezindlelo zosizo ezibhekene nale nselelo phakathi kwesidingo samakhasimende nokutholakala komsebenzi noma izimpahla. Kufanele kugxilwe ekuxazululeni inkinga yemali, ukufundisa ngemali nokuthuthukisa amabhizinisi ukuthi atshale futhi angawi,” kusho yena.

Ongoti bathi uma lungaveli lolu sizo ngokushesha maningi amabhizinisi amancane azowa ngalo nyaka, kuphele imisebenzi futhi kuntenge iminotho yendawo, ikakhulu emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, lapho amabhizinisi amancane engabaqashi khona. Amabhizninisi amancane adinga usizo ukuze angawi futhi achume.


Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page