Izisebenzi zeDenel zifuna ukunyuselwa amaholo ngo-7% ngoba zabekezela ngesikhathi inkampani idonsa kanzima. Isithombe: Sithunyelwe

Izisebenzi zeDenel zifuna ukubongwa ngo-7%

WUBONISWA MOHALE

IZISEBENZI ezihlale enkampanini kahulumeni ekhiqiza izikhali ngesikhathi idonsa kanzima zithi zifuna amaholo azo anyuswe ngo-7% kulo nyaka. 

Lezi zisebenzi ezingamalungu eNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) zithi njengoba isimo sesibuyele kwesijwayelekile futhi ingena imali eDenel kufanele amaholo azo anyuke ngemali ebonakalayo.

Okhulumela iNumsa uNkk uPhakamile Hlubi-Majola uthe izisebenzi zaseDenel zagcina ukunyuselwa amaholo ngo-2019 kanti ngesikhathi se-Covid-19 le nkampani yahlelwa kabusha, ezinye zaphelelwa wumsebenzi, ezisele kwaphela izinyanga eziningi zingaholi. 

“Izisebenzi zeDenel zitshele iNumsa ukuthi ngesikhathi kuqala unyaka, izikhulu zenkampani zakuphasisa ukuthi amaholo anyuke ngo-7%. 

“Lesi sinqumo siye sahoxiswa emva kokungena kwebhodi engamele iDenel. Inqume ukuthi amaholo kufanele anyuke ngo-4% ngonyaka wezimali wango-2025/26. Izisebenzi zifuna inyunyana yazo ilwe ngoba ibhodi ayizicabangeli,” kusho yena. 

UNkk uHlubi-Majola uthe izisebenzi zithi u-7% uzifanele ngoba bezithwele kanzima ngesikhathi iDenel ibangwa nezibi, ngakho uma isimo sayo sezimali sesingcono kufanele zihlomule. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/18/sidinga-izinyathelo-ezinqala-nobuholi-okuzofaka-itransnet-emgqeni-kuloba-ubusi-mavuso/

Emhlanganweni obuphakathi kweNumsa nezikhulu zaseDenel eGauteng ngesonto elidlule, usihlalo webhodi yeDenel osabambile uNks uGloria Serobe uthe iDenel ayikwazi ukunyusa amaholo ngo-7% ngoba ngokuhamba kwesikhathi loku kunyusa amaholo kuzobanomphumela omubi enkampanini. Uthe okwamanje iDenel ingakwazi ukunyusa amaholo ngo-4%. 

Emva kwalezi zingxoxo kuvunyelwane ukuthi kuzobanethimba eliyisipesheli elinomsebenzi wokuthola isisombululo noma indlela yokunyusa amaholo ngemali engaphezu kuka-4% engeke ibenomphumela omubi esimweni sezimali seDenel. 

Leli thimba lizohlangana ngoLwesihlanu ukuhlahla indlela eya phambili ngalolu daba lwamaholo. 

Khonamanjalo, isikhulu esiphezulu seDenel uMnu uTsepo Monaheng sitshele amalungu ePhalamende ukuthi le nkampani kungenzeka ihlele ibhizinisi kabusha ngoba ayikabinemali eyanele. 

Ukhale nge-Covid-19 eyabhedisa isimo nobunzima bokuthola amakhasimende, okungamazwe aphesheya.

Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusi Mavuso sithe izinyunyana kufanele zisebenzisane nezinkampani ukuqinisekisa ukuthi aziwi. 

Ukhulume kanje emva kokuthi izisebenzi zeTransnet zinyuselwe amaholo ngo-6% yize isanda kucela usizo lwezimali kuhulumeni. 

Uthe u-6% yimali engaphezu kwamandla emali kwazise awu-2.8% futhi kubukeka uzokhinyabeza iTransnet ngokuhamba kwesikhathi. 

Umkhulumeli weCongress of South African Trade Unions uMnu uMatthew Parks  ugxeke uNksz uMavuso ngenkulumo yakhe. 

Uthe ulwa nezisebenzi ezihola kancane, okuyizona ezizobanempilo engconywana uma amaholo enyuka ngo-6%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page