UNksz uNonhlanhla Xulu, umsunguli weVukari Art yaseMatendeni, eNanda, eThekwini, eyenza imikhiqizo yobuciko obuhlukene. Izithombe: Zithunyelwe

Bashintsha isikhumba senkomo yamaNguni sibewubuciko bokuhlobisa 

WUTHOBILE ZWANE 

EMVA kokudilizwa emsebenzini owesifazane waseThekwini wanquma ukuqala ibhizinisi kunokubhuquza ekhaya. 

Leli bhizinisi lobuciko laseMatendeni, eNanda, lishuka isikhumba sezinkomo zamaNguni sibeyimikhiqizo ehlukene yokuhlobisa lasungulwa ngo-2020. 

Umnikazi weVukari Arts uNksz uNonhlanhla Xulu uthi eli bhizinisi ligxile ekuhlobiseni nasekudwebeni ubuciko obuqhakambisa amasiko ngokusebenzisa isikhumba futhi lenze ubuhlalu neminye imikhiqizo yesintu. 

Uthi yena nomndeni wakhe banothando lwesintu, ngakho kwabalula ukuhlangana bewumndeni benze imikhiqizo ehlukene.

UNksz uXulu uthi akuwona umsebenzi awufundela kodwa kwaba wuthando ngezindaba zesintu nokuthi kubo baphila isintu.

 “Lo msebenzi ungenziwa yinoma ubani, angiwufundelanga. Kuno mama osidwebelayo esisebenzisa imidwebo yakhe uma sesenza imikhiqizo yethu,” kusho yena.

 Uthi ukuvakashela e-Oceans Mall yikona okwamgqugquzela ukuthi afune ukudayisa imikhiqizo yakhe khona. Ubalule ukuthi le nxanxathela yezitolo ihanjelwa ngabantu baseNingizimu Afrika nabakwamanye amanye, ngakho iyindawo ekahle yokuzibonakalisa. 

“Kukhona ongilekelelayo ngemali yerenti kodwa siyafisa ukuthola indawo ematasa ebiza kangconywana,” kusho yena. 

Uthi into ehlukile ngomkhiqizo wabo wukuthi abasebenzisi isikhumba esisetshenziswa wuwonkewonke, bona bathatha isikhumba benza omata, i-wallpaper nemihlobiso yasodongeni. Amanani abo aqala kuR75 kuya kuR11 000.

Eminye imisebenzi yezandla yeVukari Art

“Sizamile ukufaka wonke umuntu waseNingizimu Afrika ngoba yinto yethu le, ikakhulu lapha KwaZulu-Natali, ukuthi babone ukuthi senza into okungeyethu futhi baziqhenye ngathi. Ubuciko bethu buhambisana nesimo somuntu nendlela yokuphila emakhaya,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/03/ohamba-ezinyathelweni-zikayise-usebeke-umsebenzi-wokushuka-isikhumba-senkomo-kwelinye-izinga-uxoxe-nentatheli-yombele/

“Sithatha isikhumba sezinkomo zamaNguni senze yonke into ongayicabanga. Sikwenzela ubuciko bakho, sikufakele omata, sikuhlobisele indlu ibukeke kahle. Uma unomcimbi (sikwenzela) izikhumba ezizohambisana nomcimbi wakho. Uma uyogana nakhona siyakwazi ukukufakela isibongo sakho ezimpahleni ezenziwe ngesikhumba,” kusho yena.

Echaza ngegama le bhizinisi uthi bakhetha elithi Vukari ngoba befuna igama elihlukile kunelabanye. 

Uthi balithatha esishweni sesiZulu esithi “Ukhozi oluvuka kahle ekuseni yilona olubambayo” bathatha igama ukuvuka nokari, igama lasendulo elisho uKhozi. 

Uthi beqala ukusebenza yonke imikhiqizo yabo yayitholakala eNanda kodwa manje sebenesitolo e-Oceans Mall eMhlanga, abasivule ngo-Ephreli. 

Phakathi kwezinselelo abahlangabezana nazo ebhizinisini uthi kunzima ukuthola imakethe efanele kulo msebenzi. Ubalule ukuthi abantu abawuqondi umsebenzi abawenzayo ngoba abafundisekile ngawo. Abaqondi ngokubaluleka kohlobo lwesikhumba abasisebenzisayo. 

“Into engiyithanda ngaleli bhizinisi wukukhula futhi ngithanda ukuthola izinselelo njalo nokuthi kungani kufanele siqhubeke sikwenze nokugqugquzela izingane ezisakukhula ngokuzifundisa izindlela ezihlukene zokusebenzisa isikhumba. Ngithanda nobudlelwano bethu namanyuvesi njengoba sibanezinkundla zokucobelelana ngolwazi,” kusho uNksz uXulu.

UNksz uXulu uthi amakhasimende abo yiwo wonke umuntu othanda ubuciko, okubalwa ama-interior designer, abantu abahlela imicimbi yesintu nabantu nje. 

Leli bhizinisi seliqashe izisebenzi eziwu-7 ezisebenza ngokugcwele.

Eluleka umuntu ofisa ukuqala ibhizinisi, uthi: “Uma kuvela amathuba ungawayeki ngoba awazi ukuthi ungasizwa yini. Into uma uyithanda, lalela inhliziyo yakho. Ungayenzi into ngoba ufuna ukuduma noma ufuna ukuhlula omunye umuntu oyenzayo leyo nto. Yenze ngoba uyithanda,” kucebisa yena.

Bafisa ukuthi ibhizinisi likhule laziwe umhlaba wonke, bakwazi ukucobelela ulwazi abanalo kubantu besifazane nezingane.

Facebook: Vukari Art

Instagram: Vukari_Art

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page