Wangena kwezolimo ngoba efuna ukondla umndeni wakhe
WUTHOBILE ZWANE
IBHUNGU laKwaZulu-Natali elinothando lokulima lalihlose ukondla umndeni walo ngokutshala amaveji ambalwa ekhaya kodwa manje loku sekuphenduke ibhizinisi.
UMnu uSphelele Ncayiyana, umsunguli weMagaya Crop Farming, yaseHarding, uthi ngelinye ilanga wayebuka ubuhle bendawo yangakubo ngesikhathi ehlangana ne-akhawunti enkundleni yokuxhumana yomlimi eyayinezithombe zezitshalo ezinhle. Kulapho kwatshaleka khona inhlansi yokulima kuyena.
Uthi wakhuthazwa nawunina, osashona, owamfundisa ukulungisa ingadi, waqala ngokutshala egcekeni. Namuhla uhlinzeka abadayisi basemgwaqweni, izimakethe zendawo nezitolo okubalwa noSpar.
“Ngabawumlimi ukuze ngondle umndeni wami. Ngiyabonga ngoba umphakathi wakithi uyangeseka ngempela,” kusho yena.
UNciyayana, owayewumsizi kathisha eSivivaneni Primary School, wayesebenzisa imali yakhe encane ayeyihola ukuthenga imbewu yesipinashi neklabilishi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/27/ukusika-iphethini-kuyise-kuthela-izithelo-kumlimi-omncane/
NgoMashi 2023 uthi wadlulela ezingeni eliphezulu watshala amazambane futhi waqala ibhizinisi lakhe ngokusemthethweni. Manje uselima endaweni ewuhhafu wehektha yomhlaba KwaJali, kuMasipala Umuziwabantu.

Uthi okwamanje ubengakaqashi muntu kodwa usizwa ngabakubo. Nokho ngokuqhubeka kwesikhathi ufisa ukuqasha abantu bendawo.
UNcayiyana, ozifundisile ukubawumlimu, uvama ukuthekela ulwazi ezinkundleni zokuxhumana, amaqembu abalimi nocwaningo alwenza online. Wakewabhalisa eMorero Agricultural Academy ukuzicija.
Nakuba uhambo belungelula, lunezinselelo ezifana nesimo sezulu esibi, izinambuzane, nokuntuleka kwezimali, uNcayiyana usaloku ezinikele kwezoliomo.
Ngomuso ufisa ukubona ipulazi lakhe likhula, abenemishini yakhe, adale namathuba omsebenzi emphakathini.
Ecebisa intsha efisa ukungena kwezolimo, uthe ayizame ukuthola ekuthandayo. Uthi ayiqale into ofisa ukuyiqala noma kunzima ngoba kuyasebenzeka.
Instagram: sphelele_ncayiyana