Owayebukela phansi ukulima usewumlimi odlondlobalayo
WUTHOBILE ZWANE
OWAYENGAKUTHANDI futhi ekubukela phansi ukulima usephila ngakho kanti uzibona enekusasa eliqhakazile kule mboni angene kuyo ngenxa yokugqugquzelwa abazali bakhe.
Umnikazi weSha-nton Fruits & Veg uNksz uShanton Legasa uqale ibhizinisi lakhe ngonyaka odlule emhlabeni ongamahekthare awu-5.5 eGa Masemola, eLimpopo.
Epulazini labo batshale i-butternut, upelepele obomvu, u-green pepper nezinye izitshalo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/16/ufukula-umphakathi-ngezifundo-ezatshalwa-wugogo-nomkhulu/
“Ngangingakuthandi ukulima ekuqaleni. Ngangicabanga ukuthi ukulima yinto yabantu abangazimisele empilweni. Kodwa abazali bami bangitshengisa ngenye indlela. Bangichazela ukuthi ngaphandle kokulima, bekungeke kube khona ukudla, izingubo, iwayini noma ifenisha. Loko kwangivula amehlo,” kusho yena.
Manje uNksz uLegasa usezinikele ukufunda konke angakufunda ngezolimo. Uthi wayehlale eseduze nabazali bakhe ethekela ulwazi olumsiza ebhizinisini manje.
Uthi imboni yezolimo ingayisixazululo enkingeni yokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulu entsheni. Ululeka intsha ukuthi ingahlali isikhathi eside ilinde izinsiza kodwa iqale ngezinsiza ezincane ezikhona.

U-green pepper weSha-nton Fruits & Veg
UNksz uLegasa uthi okwamanje unamavolontiya amsiza epulazini futhi usebenzisana nabazali bakhe kodwa uyafisa ukuthi agcine esevula amathuba emisebenzi emphakathini.
“Umyalezo wami osemqoka entsheni uthi qala ngaloko onakho, ungalindi ukuthi ubenako konke. Noma kungaba yinsimu encane, qala khona. Yonke into enkulu iqala incane,” kusho yena.
Facebook: Shanty Shanton Legasa