UMasipala waseThekwini, oholwa yimeya uMnu uCyril Xaba, ubeka eqhulwini ukuhambisa izidingo kubantu kwisabelomali sonyaka wezimali u-2025/26. Isithombe: Sithunyelwe

Isabelomali saseThekwini sango-2025/26 sibeka eqhulwini izidingo zabantu

YINTATHELI YOMBELE

UMPHAKATHI waseThekwini uyamenywa ukubeka imibono ngesabelomali sikaMasipala waseThekwini esiwuR71.3 billion. Izingxoxo ngesabelomali zizoyiswa emphakathini ukunika ithuba lokubeka imibono yaso.

 Kukhuthazwa izakhamuzi nabamabhizinisi  ukuthi bathamele lezi zingxoxo zesabelomali futhi babeke imibono.

Kulesi sabelomali kubekwe uR64.2bn wemisebenzi kukamasipala noR7.1bn, obekelwe ukusiza ngezinselelo ezihlukene eziqhamukayo kulesi simo esinzima somnotho. Lesi sabelomali indikimba ithi “Ukwakha Ingqalasizinda Nokuhambisa Izidingo Kubantu”, sigxile kakhulu ekuletheni izidingo, ukuvuselela nokuguqula ingqalasizinda nokusimamisa umnotho. 

Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba, yethula isabelomali e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ithe: “Sikholwa wukuthi ukutshala imali kwingqalasizinda kubalulekile ukuvuselela umnotho.”

Ezinye zezinto eziseqhulwini kwisabelomali yizimali ezabelwe ukunakekela izinsiza ezibalulekile. Imali elinganiselwa kuR859 million yabelwe ugesi ezoxhasa ukunweba nokuqinisa ama-network kagesi akhona, neziteshi ezincane ezintsha eziwu-17. Isabelo samanzi siwuR1.15bn kanti sizosetshenziswa kakhulu ohlelweni lokuqinisekisa ukuthi amanzi awamoseki nokushintsha amapayipi amanzi.

Ukukhuphuka kwentengo kagesi okuhlongozwayo kuwu-12.72%, eyamanzi ingu-15% kumakhasimende ayizakhamuzi no-16% wamabhizinisi, eyokuthutha indle iwu-13% emakhaya no-14% emabhizinisini, ukuqoqa udoti kuzonyuka ngo-9.9% kumakhasimende asekhaya no-9% kwabamabhizinisi.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/20/umasipala-wasethekwini-ubeke-ur10-billion-ukulungisa-ingqalasizinda/

Kuhlongozwa ukuthi ama-rates akhuphuke ngo-6.5%. Umasipala uzibophezele ukusiza imiphakathi entulayo ngokusebenzisa imali eyengamele inhlalakahle yomphakathi. Lapha kubalwa u-6kl wamanzi amahhala emindenini enenani lemizi engaphansi kukaR350 000, u-50kwh kagesi wamahhala kwizakhamuzi abasebenzisa ngaphansi kuka-150kwh ngenyanga ezindaweni eziphakelwa ugesi yi-Eskom no-65kwh kagesi wokuqala mahhala kubantu abasebenzisa ngaphansi kuka-150kwh ngenyanga. 

Ngokuthutha udoti, imizi ebiza imali efinyelela kuR350 000 ikhishiwe ekukhokheleni udoti wasekhaya kanti izinsiza zamahhala zokuqoqa udoti ziyatholakala emizini yamakhasimende abantulayo abahlala ezindaweni zasemakhaya, izindawo ezinentengo ephansi nezakhamizi zasemijondolo. Kuzoba wu-6kl wokuqala kuzo zonke izakhiwo ezinamanani angaphansi kukaR350 000. Ngaphezu kwaloko, abantu abampofu bazoqhubeka nokuthola izinsiza zamahhala zezindlu zangasese ezindaweni ezingomazakhele neziyimijondolo. 

UXaba uthe: “Lesi sabelomali sizogxila ekuhlinzekeni izinsiza eziyisisekelo ezingaphazanyiswa ngokuphucula ingqalasizinda yedolobha. Izinhlelo zokuphatha izimpahla ziyasetshenziswa ukulungisa nokuvuselela ingqalasizinda.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page