Ivulwe ngesasasa iWestown Square ewuR1.3 billion
YINTATHELI YOMBELE
ZIJIKILE izinto eNtshongweni, entshonalanga yaseThekwini, ngemva kokuvulwa kwengqophamlando yenxanxathela yezitolo iWestown Square.
Lezi zitolo zivulwe ngokusemthethweni mhlaka-27 wangoMashi kanti seziqalile ukubeka intshonalanga yaseThekwini kwelinye izinga ngokuheha abatshalimali nokudala indathane yemisebenzi.
I-Westown Square yintuthuko kaR1.3 billion eqale ukwakhiwa ngo-2021 eNtshongweni eyizigaba ezihlukene njengoba inezitolo, indawo yokuhlala, eyamabhizinisi ahlukene, okubalwa amafemu ne-business park.
Imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe ukuvulwa kweWestown kukhombisa ngokusobala ukuthi umasipala uzimisele ukusebenza nemboni ezimele.
“Kudala iNtshongweni ibidume ngokuheha izivakashi ezithanda imvelo kodwa manje isiheha abatshalimali abazodala imisebenzi edingekayo. I-Westown iteketiswa ngokuthi yidolobha elisha elisentshonalanga yeTheku izongenisa uR15bn eminyakeni eyishumi kuya kwewu-15 ezayo.
“Iza namathuba omsebenzi angaphezu kuka-15 000 okwakha nawu-8 500 abantu abazosebenza uma sekuphothulwe izinhlelo zokwakha,” kusho uXaba.
Uthe njengoba sekuvulwe izitolo isigaba esilandelayo ngesendawo yokuhlala ebiza uR2bn iBaldwin Residential Development, ezonyusa izinhlelo zentuthuko phakathi kwaseThekwini naseMgungundlovu. Izohambisana nesibhedlela esizimele sikaR600 million esizokwaziwa ngeWestown Private Hospital.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/06/iyavulwa-kule-nyanga-inxanxathela-ezosimamisa-umnotho-iwestown-square/
“Imboni ezimele iyathanda ukutshala imali eThekwini. Nginesiqiniseko sokuthi sizozibona izinhlelo ezifana nalolu kwezinye izifunda zethu. I-Westown izobayidolobha lokuqala elisebenzisa ubuchwepheshe futhi elinakekela imvelo KwaZulu-Natali. Loku kuzoqinisekisa ukuthi abantu baphila impilo engcono,” kusho yena.
Uthe bewumasipala batshale uR600m ukuqinisekisa ukuthi kunemigwaqo, amapayipi amanzi nokunye okuyisisekelo esidingekayo ngaphambi kokuthi kuqale ukwakha iWestown.
“Kuyimanje sekudaleke imisebenzi ewu-1 200 ngesikhathi kwakhiwa ingqalasizinda eyisisekelo seWestown Square. Abanye abantu abawu-451 sebeqashiwe njengoba sekuvulwe iWestown Square. Abantu abaningi abathole umsebenzi ngabaseNtshongweni nakwezinye izindawo ezingomakhelwane, okubalwa iKwaNdengezi, iTshelimnyama, iDassenhoek, Cliffdale neHammarsdale. Osomabhizinisi bendawo nezinye izinhlaka nazo zikwazile ukusebenza,” kusho uXaba.
Ubalule ukuthi ziwu-27 izinkampani ezihlomulile, kukhona eziwu-21 eziphethwe ngabantu abamnyama ngokuphelele, ezimbili ezabantu besifazane nezimbili zamasosha omzabalazo.
UMasipala kulindeleke ukuthi uthole uR21m wama-rates azokhokhwa yiWestown Square ngonyaka. Uma sekwakhiwe nenye intuthuko umasipala uzongenelwa wuR500m wemali yama-rates ngonyaka.
Isikhulu esiphezulu seFundamentum Development Company uMnu uCarlos Correira sithe ukwakha iWestown kusho ukuthi bayakholelwa eThekwini naseKZN.
“Silindele ukuheha abantu abasuka eWestville kuze kufike eCato Ridge. I-Westown ikhanga kakhulu futhi kulula ukufinyelela kuyo. Siyindawo elungele wonke umuntu futhi kuningi okuzohlonyulwa ngabantu,” kusho yena.