Iyavulwa maduze inxanxathela ezosimamisa umnotho iWestown Square
YINTATHELI YOMBELE
KUMI ngomumo ngokuvula inxanxathela enkulu yezitolo entshonalanga yaseThekwini iWestown Square eseNtshongweni.
Lezi zitolo kulindeleke ukuthi zivulwe ngokusemthethweni ngoMashi 27 njengoba osonkontileka sebeqedela izinto ezincane
Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi: “Siyidolobha siyajabula ukuthi ukusebenzisana kwethu nemboni ezimele sekufinyelele kulesi sigaba futhi sesikulindele ngabomvu ukuvula isakhiwo esizosimamisa iTheku.
“I-Fundamentum Property Group itshale uR1.5 billion kule ntuthuthuko, kwathi umasipala (waseThekwini) watshala uR600 million kwingqalasizinda. Kudaleke inqwaba yemisebenzi futhi kuseza eminye kule ndawo. Le ntuthuko iyisibonelo sesingakufeza uma kunokubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele.”
I-Westown Square kulindeleke ukuthi ilethe abanye abatshalimali entshonalanga yaseThekwini. Izobayindawo yomnotho ezofukula umnotho waleya ndawo njengoba izoheha abatshalimali abeza noR15bn eminyakeni ewu-15 ezayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/22/izinhlelo-zetheku-zokuthuthukisa-umnotho/
I-Westown, inxanxathela esendaweni enhle uma uchezuka nje kuthelawayeka womgwaqo uN3, izolekelela abantu basentshonalanga yaseThekwini ukuthi babenenxanxathela yezitolo, izindawo ezisiza abantu ukunakekela impilo, ezokuzijabilisa namabhizinisi.
Yakhiwe ngendlela ezogqugquzela abantu ukuthi bazikhiphe, ibalethele amathuba eduze kwalapho behlala khona. Kubalwa amathuba okuvakasha, awomsebenzi nawokuphumelela empilweni.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/22/izinhlelo-zetheku-zokuthuthukisa-umnotho/
I-Westown Square ayiyona nje inxanxathela yezitolo kodwa inengadi enhle abantu abazongcebeleka kuyo ebizwa ngeTown Gardens, kuneshashalazi i-The Bowl On The Square ezoba ngeyamakhonsathi.
KuzobaneBarn, okuzokwenzeka okuningi kuyo njengebona ifaniswa ngenjini yeWestown Square.
Uphiko iCatalytic Projects kumasipala lunomsebenzi wokushintsha izindawo ezihlukene ukuze kungabibikho indawo engaphansi kukamasipala engawusimamisi umnotho.
Kufanele kuhehwe abatshalimali bemboni ezimele abazoqala ukutshala imali engaphezu kuka-R500m futhi badale amathuba omsebenzi futhi basimamise umnotho wendawo abasuke betshale imali kuyona.